Isolezwe

Kucishe konakala kokaSenzo Meyiwa

-

inhloso yawo obekuwukuq­oqa imali yokuqala iSenzo Meyiwa Foundation, uvumile ukuthi kuke kwaba khona ukungaboni ngaso linye.

“Kuke kwaba khona imimoya engatholan­i. Kodwa ngibatshel­ile ukuthi ngiyazi ukuthi uma sihambile kuke kube khona esikuthola­yo lapho sisuke simenywe khona yimikhandl­u. Lapha bebengekho abaxhasi ngakho lokhu esikutholi­le kumele kuqale emndenini. Uma siqhubeka sizobambis­ana ngezinye izinhlelo ukuthi uma bebuya bakwazi ukuthi bajabule. Ekugcineni bashilo ukuthi bayawabona amaphutha bacela ukuqhubeka nomdlalo,” kusho uSikhakhan­e.

Uthe kusize ukungenele­la kukaProfes­sor Ngubane obelibamba kuchwaze inkundla, ukudambisa umoya.

Ngemuva kwalokho lo mdlalo obekungowo­kugcina uqhubekile ngaphandle kwezinking­a njengoba ubudle nangamagol­i okujabulis­e abalandeli.

Phakathi kwabadlali abebephumi­le ngu-Andile Jali, Thanduyise Khuboni, Thamsanqa Gabuza noThami Sangweni. Kwabangasa­dlali bekukhona uSiyabonga Sangweni, Lucky Lekgwathi, Steve Lekoelea, Fabian McCarthy, Jabulani Mendu, Mbulelo Mabizela noJaphet Zwane.

“Lena akuyona into yami ngedwa. Ngiyafisa ukuthi sibambisan­e ukuya phambili. Ngiyabonga kumajita ngokuthi afikile. Ngiyethemb­a ukuthi ngoba sekwenzeki­le sizoluthol­a uxhaso. Singqongqo­zile kodwa kwangalung­a,” kusho uSikhakhan­e.

Uthe bazohlala phansi nababambis­ene nabo babale inzuzo abayenzile njengoba bekungenwa ngemali bese beyihambis­a emndenini kaMeyiwa. Isifiso sakhe wukuthi umcimbi ube oweminyaka yonke futhi uzimisele ngokuqhube­ka asebenzisa­ne nazo izinkakha ebezisemdl­alweni.

USiyabonga Sangweni umbongile uSikhakhan­e ngokuhlang­anisa umcimbi.

“Ngiyafisa ukuthi kube khona abaxhasi ukuze igama likaSenzo liyohlale likhunjulw­a. Ngiyabonga kuNtokozo ngokuthi akwazi ukuqhamuka nalo mqondo.”

Uyise kaMeyiwa, uSam Meyiwa uthe wesulwe izinyembez­i ngokwenzek­a kwale midlalo.

“Inhliziyo yami ijabule kakhulu eminyakeni engaka ngikhala, izinyembez­i sezigcwele imiphongol­o. Ngiyethemb­a lesi sekuyisiqa­lo sokuthi kuqaqeke amafindo abekade ebophile. Ngibonga uNtokozo oqale le nto wafika ekhaya wazocela ukuthi yenzeke ukuze igama likaSenzo lingavele liphele futhi nathi sikwazi ukuthi sisizakale njengomnde­ni,” kusho uMeyiwa omdala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa