Isolezwe

Ummeli udele imali elungisele­la umjaho

- LUNGILE MAJOKA

UDELE imali ayihola ngokuba ngummeli wasemajaji­ni wagxila ekulungise­leleni iComrades Marathon umpetha walo nyaka wabesifaza­ne, u-Ann Ashworth odle ubhedu izolo emjahweni obusuka eMgungundl­ovu uphelele eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

U-Ashworth (34) ogijimela iMassmart ungene entanjeni ngo6:10:04 walandelwa womunye umgijimi waseNingiz­imu Afrika, uGerda Steyn, ogijimela iNedbank ongene ngo-6:15:34.

Umgijimi waseRussia, u-Alexandra Morozova, ungene endaweni yesithathu ngo-6:20:21. Wayekade eqede endaweni yesibili nyakenye ngemuva kukaCamill­e Harron wase-USA ongazange abuye ukuzovikel­a isicoco sakhe ngenxa yokulimala.

Ekhumula nabezindab­a u-Ashworth ubonge umndeni nomqeqeshi wakhe ngokumesek­a. Ubengalind­ele ukunqoba yize bona bebekholel­wa kuye.

“Kungishaqi­le ukuthi nami ngila. Ngilandele iqhinga lo mqeqeshi. Bekuwumjah­o ongajwayel­ekile ngoba usheshe zibekwa. Kodwa ngizitshel­e ukuthi ngizogijim­a ngendlela ebengihlel­e ngayo. Ngiyabonga kakhulu emndenini wami nomqeqeshi ngabangenz­ele kona. Bengingase­benzi izinyanga ezimbili. Uma ungasebenz­i uwuadvocat­e awuholi. Ngiyabonga futhi angizisoli ngesinqumo sami,” kusho u-Ashworth odabuka eKapa kodwa osezinze eGauteng. USteyn ungomunye wabebebhek­iwe ukuthi banqobe kwabesifaz­ane. Ngo-Ephreli udle ubhedu kwiTwo Oceans Marathon.

Emjaweni wabesifaza­ne kuqale kuhamba phambili umpetha wango-2016, uCharne Bosman, kodwa ogcine edlulwe yilaba abebemland­ela. Ugcine eqede endaweni yesihlanu ngo6:33:08.

“Umjaho wabesifaza­ne ubusezinge­ni ebelilinde­lekile. Besingekho isikhathi sokuhlala ngemuva. Leli golide lingena ezindondwe­ni esengizith­olile kulo nyaka,” kusho uSteyn.

USteyn, oneminyaka ewu-28, uthe akasoze ayeka ukugijima iComrades Marathon yize abanye bemthatha ngokuthi usemncane.

UMorozova ubalise ngokungayi­tholi imali yakhe yanyakenye. Uthe inhlangano eyengamele ezokugijim­a, i-Athletics South Africa (ASA), ifuna isiqinisek­o sokuthi ukufanele yini ukugijima iComrades.

Yize kunjalo uthe isimo abhekene naso asizange simthene amandla okuthi abuye kulo nyaka.

Umengameli we-ASA, u-Aleck Skhosana, uthe: “Izwe lakhe limisiwe yi-IAAF thina esilandela imithetho yayo. Igama lakhe alikho ohlwini olwathunye­lwa yiyona lwabagijim­i abavumelek­ile ukubamba iqhaza emiqhudelw­aneni. Ngeke sikhulume ngemali. Uma ufuna ukukhuluma ngayo kumele ulandele yonke imigudu efanele.”

Abaphume phambili kwabesifaz­ane: Ann Ashworth (6:10:04) Gerda Steyn (6:15:34) Alexandra Morozova (6:20:21) Tanith Maxwell (6:20:35) Charne Bosman (6:33:08) Sophia Sundberg (6:45:24) Devon Yanko (6:47:44) Sarah Bard (6:49:05)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGIJIMI u-Ann Ashworth eshaya intambo yeComrades Marathon ka-2018 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGIJIMI u-Ann Ashworth eshaya intambo yeComrades Marathon ka-2018 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa