Isolezwe

Inkakha ixwayisa ozoqeqesha iChiefs

- LUNGILE MAJOKA

UZOBHEKANA nenselelo yokunqoba isicoco zibekwa amagqozo umqeqeshi omusha weKaizer Chiefs ukuze azakhele ugazi kubalandel­i beqembu osekuphele amasizini amathathu bebulawa isomiso sezindebe.

Lena yindlela abona ngayo uFabian McCarthy, omunye osibheke ngabomvu isinqumo seChiefs ngomqeqesh­i omusha ozothatha kuSteve Komphela.

UKomphela uhlale amasizini amathathu kwiChiefs wasula kungasekuh­le maphakathi nesizini edlule ngemuva kokuthi abalandeli bevuke umbhejazan­e baze bashisa inkundla iMoses Mabhida Stadium, eThekwini. UKomphela akazange anqobe neyodwa indebe kule minyaka ayihlale kuMakhosi, into ebiqala ukwenzeka emlandweni weqembu.

Kumanje kulindelwe ukuthi abaphathi beqembu bamemezele umqeqeshi omusha njengoba kuthiwa sekusele amagama ambalwa okuzokheth­wa kuwo. Phakathi kwababalwa­yo kukhona igama likaAvram Grant noMick McCarthy.

“Kunzima ukugculisa abalandeli, kwesinye isikhathi kunzima ngisho ukugculisa abadlali uma ungumqeqes­hi. Kodwa uma umqeqeshi omusha enganqoba (iMTN 8) lokho kungamsiza ukuthi azinze kahle emsebenzin­i wakhe. Ngeke sikufihle ukuthi abaqeqeshi bahlulelwa ngezindebe ikakhuluka­zi kulesi simo iChiefs ekusona. Uma engawina le ndebe uzobe esebawinil­e abalandeli beqembu abathile bese egxila emidlalwen­i yeligi.

“Uma engalandel­isa ngeTelkom Knockout ngoDisemba uzobe eseyintand­okazi. Angakwazi nokuthi afake umbango kwiligi ngoba ngokwami iChiefs ibingasele kakhulu ngalapho wukuthi indlela ebiyenza ngayo kweminye imidlalo ibingagcul­isi,” kusho uMcCarthy.

UMcCarthy ungomunye wabadlali abawaziyo umuzwa wokujabule­la ukunqoba izicoco naMakhosi. Wayekhona eqenjini elanqoba isicoco seligi ngo-2004/2005.

Uthe okwenzeka kwiChiefs usekubuka njengomlan­deli, yingakho inethemba lokuthi umqeqeshi ozoqashwa uzokwazi ukubuyisa izikhathi zenjabulo eNaturena.

“IChiefs idinga umqeqeshi oqinile, osezingeni eliphezulu ozofika namaqhinga aphusile emidlalwen­i futhi oyiqondayo indlela yokudlala yakuleli. Kuzomele akwazi obekwenzek­a eqenjini. Alethe abadlali abasha azokwakha ngabo iqembu. Ngiyethemb­a ukuthi izinto zizoshints­ha ngokushesh­a, iChiefs ibuyele kulokhu eyaziwa ngakho.”

Ngokwakhe umqeqeshi osezingeni yilo ozofika akwazi ukwenyusel­a abadlali ezingeni elingcono kunaleli abebekulon­a.

“Ngiye ngingathan­di ukuncoma abaqeqeshi ngokuthi bahle kodwa owenza kahle umsebenzi ngimehlule­la ngokuthi afike akwazi ukwenyusa izinga labadlali, abadala nabasha sibone izinga ebesingala­zi. Umqeqeshi ozofika kuzodingek­a ukuthi enze lokhu, alungise isimo ebesikhona bese enqoba izicoco. Konke lokhu kuzomele akwenze kanye kanye ngenxa yesimo iChiefs ekusona njengamanj­e,” kusho uMcCarthy.

Ngaphandle komqeqeshi omusha okunye okubhekiwe kwiChiefs ngabadlali ezobachith­a nezoqinisa ngabo isikwati. Ngemuva kokuthi uKomphela esulile iqembu lathembisa ukuthi lizokhucul­ula nakubadlal­i.

Kulabo elingacaci ikusasa labo kukhona uTsepo Masilela ongazange adlale isikhathi esiningi ngesizini edlule, uKeagan Buchanan, okuke kwavela ukuthi uzanyelwa ukuthi inkontilek­a inqanyulwe ngenxa yokungalit­holi ijezi. Omunye u-Edmore Chiramband­are waseZimbab­we naye obephikwa yimidlalo. Njengoba kuzovulwa iwindi lokuhwebel­ana ngabadlali bekubhekwe ukuthi iChiefs iqinise ngo-Andile Jali noVincent Pule kodwa bobabili labadlali sebeyiphun­yukile. UJali usayine kwiMamelod­i Sundowns, uPule ukhonjwa kwi-Orlando Pirates.

 ??  ?? UFABIAN McCarthy owake wadlalela iKaizer Chiefs ubona ezoba nengcindez­i enkulu umqeqeshi ozoqashwa Amakhosi ngoba kade agcina ukuwina indebe Isithombe: BACKPAGEPI­X
UFABIAN McCarthy owake wadlalela iKaizer Chiefs ubona ezoba nengcindez­i enkulu umqeqeshi ozoqashwa Amakhosi ngoba kade agcina ukuwina indebe Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa