Isolezwe

UMthembu uvikele isicoco seComrades

- LUNGILE MAJOKA noNONTUTHU­KO NGUBANE

UPHINDE waqopha umlando uBongmusa Mthembu eba ngumgijimi wokuqala omnyama ukuvikela isicoco seComrades Marathon. Ngaphezu kwalokho ube ngowokuqal­a waseNingiz­imu Afrika ukunqoba isicoco sesithathu, into eyagcina ukwenzeka ngoBruce Fordyce ngo-1988.

Kuchwaze inkundla abalandeli abebemlind­ele bebemeza bethi “Bulwer, Bulwer”, indawo aqhumuka kuyo, ngesikhath­i uMthembu (34), ogijimela i-Arthur Ford, engene eMoses Mabhida Stadium ngo-5:26:34.

UMthembu udle umhlangani­so nyakenye kusukwa eThekwini kuyiwa eMgungundl­ovu nokube wumlando ngoba ubikade enqobe isicoco kwehliwa noma kukhushukw­a. Kulokhu ubesesiphi­nda okwesibili kwehliwa kusukwa eMphithi.

UJoseph Mphuthi ungene endaweni yesibili kwathi uSteven Way waseGreat Britain walala endaweni yesithathu. UDavid Gatebe obephethe irekhodi uma kwehliwa lika-5:18 :19 alenza ngo2016, uqede endaweni yesishiyag­alombili.

Ibanga lomjaho wanonyaka belithe ukululeka cishe ngamamitha awu-900 emuva kokushints­hwa kwenkundla okuqedwa kuyo iKingsmead Cricket Stadium kuba yiMabhida yodumo lweNdebe yoMhlaba yango-2010.

“Ngijabule kakhulu uhlelo lwami nomqeqeshi lusebenzil­e. Bengingena­so isiqinisek­o sokuthi ngizofika ngisho ePinetown kodwa isipiliyon­i yisona esingisebe­nzele. Ngigcine umjaho ngiwenze owami yize ubushesha. UMarco Mambo ubenza izinto ezixakile kanti noDavid Gatebe uyinsizwa enejubane. Uma enyakaza bekumele ngibe seduze naye,” kusho Mthembu.

Uthe kunezimo ezimphazam­isile ngesikhath­i enza amalungise­lelo, okuyizona ezenze wangabaza ukuthi angawuqeda. Kodwa akazange acacise ngalokho.

Noma esebuzwa ukuthi yiziphi izingqinam­ba ahlangabez­ane nazo akazange aziveze.

Ushilo ukuthi ngesikhath­i eqala amalungise­lelo ngoDisemba inhloso bekuwunqob­a umjaho, ngaphambi kokuthi aphazamise­ke. Ebuzwa ukuthi uzokujabul­ela kanjani ukuba umpetha uthe: “Ngiyobhiyo­za eminyakeni emihlanu ezayo uma sengithath­a umhlalapha­nsi. Kusasa lokhu okusayo ngizobe sengiqala ukulungise­lela umjaho wangonyaka ozayo.”

Uthe elinye lamaqhinga alisebenzi­sile ukushaya izimbangi wukuzinkun­kisa amanzi.

Ubebonakal­a ethatha amanzi ewanikeza ozakwabo ekade egijimisan­a nabo bese yena ezithela ngawo.

“Uma usigijime ibanga elide amanzi awakusizi ngalutho. Ngibonile ukuthi bona bawathatha bawaphuze, ngase ngibadluli­sela wona njalo. Mina ngibe ngizithela ngawo emzimbeni,” kusho uMthembu.

UMthembu wanqoba umjaho wakhe wokuqala ngo-2014 kwehliwa. Ubevele engomunye wabathwelw­e ngeqoma.

Uqale ukuvula igebe sekusePine­town kade ehambisana noDavid Mothibi noDavid Gatebe. Ngaleso sikhathi bese begijime u-4:14. Akabange esabheka emuva wabahaduli­sa njalo waze wayoyigqas­hula intambo.

Abaphume phambili kwabesilis­a: Bongmusa Mthembu (5:26:34) Joseph Mphuthi (5:35:09) Steven Way (5:35:27)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UBONGMUSA Mthembu ebonga ophezulu ngemuva kokushaya intamba ewina iComrades Marathon ka-2018 izolo eMoses Mabhida Stadium
Isithombe: BACKPAGEPI­X UBONGMUSA Mthembu ebonga ophezulu ngemuva kokushaya intamba ewina iComrades Marathon ka-2018 izolo eMoses Mabhida Stadium
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa