Isolezwe

Imicimbi yeYadini Lounge

- NOKUBONGWA PHENYANE

ZIZOBE ziqinile ezokupheph­a kuyona yomithathu imicimbi ehlelwa umnikazi wendawo yobumnandi Eyadini Lounge, uJabulani Zama, njengoba kusondela umcimbi omkhulu wamahhashi iDurban July.

Kulo mcimbi wamahhashi oba seGreyvill­e, eThekwini, kuzoba netende elaziwa ngokuthi Eyadini Village.

Kusuka ngoLwesihl­anu Eyadini eMlaza kuzoba nomcimbi wokuvula umcimbi omkhulu wamahhasi, kube khona ozoba ngoMgqibel­o eGreyville bese kuba nowokugcin­a ozoba seYadini wokuvala umcimbi.

UMjey uthe kule micimbi yonke kuzobe kuboshelwe ubumnandi njengoba abaculi bakuleli bezojabuli­sa abazobe bekhona.

“Lona ngomunye wemicimbi emikhulu kuleli ngakho abantu abaqhamuka ezindaweni ezehlukene basuke bezojabula emcimbini weDurban July, sifuna bahambe bedelile. Sibahlelel­e okukhulu njengoba ngonyaka odlule senza okufanayo. Ngokuhlela imicimbi emithathu sifuna ukuthi bajabule bangalikho­hlwa iTheku bahlale bebuya njalo,” kusho uMjey.

Uthe njengeYadi sebeyaziwa ngokuhlala benza imicimbi yobumnandi wathi nakulokhu ngeke baphoxe.

“Konke abazobe bekufuna bazokuthol­a kule micimbi. Sihlele ukuthi kuzona zontathu izinsuku kunandise abaculi abanohlonz­e bakuleli.”

Uthe kule micimbi isiteshi iMetro FM siyobe sikhona. Emcimbini wangoLwesi­hlanu uthe kuzongenwa ngoR100, iVIP uR200. Emcimbini wangoMgqib­elo eGreyville kungenwa ngoR2 250. NgeSonto uMjey uthe kuyobe kungenwa ngoR300, iVIP uR800.

Kubaculi abayobe bekhona kubalwa uSjava, DJ Zinhle, AKA, Mo G, Dineo Ranaka, Oskido, DJ Kotini, L’vovo nabanye.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMLINGISI Unathi Guma useveze ukuthi kusazofa abantu emdlalweni awulingisa­yo izikhotha kulezi zinsuku kuMzansi Magic Abomama oshisa
Isithombe: SITHUNYELW­E UMLINGISI Unathi Guma useveze ukuthi kusazofa abantu emdlalweni awulingisa­yo izikhotha kulezi zinsuku kuMzansi Magic Abomama oshisa
 ?? Isithombe: TWITTER ?? UDJ Zinhle uzojabulis­a abathandi bobumnandi Eyadini Lounge ngeDurban July
Isithombe: TWITTER UDJ Zinhle uzojabulis­a abathandi bobumnandi Eyadini Lounge ngeDurban July

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa