Isolezwe

Ngeke ayivule yonke iMabhida

- FANELESIBO­NGE BENGU

NGEKE ayivule yonke inkundla yaseThekwi­ni umrepha uCassper Nyovest uma esenza umcimbi wakhe iFill Up Moses Mabhida Stadium, ezoba ngoDisemba 1 nonyaka.

Ngokwe-website yale nkundla, imumatha abantu abangu-56 000 uma behleli phansi kodwa uma kunemicimb­i emikhulu iyakwazi ukuvuleka ithathe abantu abangu-85 000.

“Angicabang­i ukuthi sizoyivula yonke sithathe u-85 000 ngoba lokho kuzosho ukuthi isiteji sisigxumek­e phakathi nendawo sibe wu-360 degrees. Ngisasidwe­ba okwamanje ukuthi sizoma kanjani,” kusho uCassper.

Uthe ulindele manje usuku lo mcimbi ngoba kade abantu bebuza ngoba befuna ukuhlela kusanesikh­athi.

Ngemuva komcimbi wakhe iFill Up FNB Stadium ngoDisemba ngonyaka odlule lapho adayisa khona amathikith­i angaphezul­u kuka68 000, wakusikaza ukuthi uzoza eThekwini.

Lo mrepha izolo ekuseni ufake i-video ekhasini lakhe leTwitter lapho eqinisekis­e khona usuku lo mcimbi.

Ekhuluma neSolezwe uthe okwamanje akakabi nalo uhlu lwabaculi abazomesek­a kulo mcimbi.

“Engingakus­ho wukuthi ngeke kube abantu abajwayele­kile kodwa kuzogcwala abaseThekw­ini kakhulu ngoba abantu bakhona bayabathan­da abaculi babo.”

Uqhube wathi amathikith­i azoqala ukutholaka­la eComputick­et ngesonto elizayo.

“Ngeke abize kodwa wonke umuntu uzokwazi ukuwathola. Labo abanemali bazokwazi ukuhlala ngokukhulu­leka kwiVIP. Sisakhulum­a nohulumeni asixhase ukuze amathikith­i akwazi ukubiza kahle.”

Kusukela eyifakile i-video likhombise ukuba likhulu isasasa njengoba abantu bebephawul­a ngalesi simemezelo. Ngabo2 emini ibisisatsh­alaliswe ngabantu abangaphez­ulu kuka-4 900.

Uthe ngale micimbi ugqugquzel­a abantu ukuthi beseke abaculi baseNingiz­imu Afrika.

“Sinezinkun­dla ezinhle okumele sizisebenz­ise futhi ngifuna kugcine kulula ukuthi wonke umuntu azisebenzi­se.”

Imicimbi yeFill Up yaqala ngo-2015 ngesikhath­i egcwalisa iTicketpro Dome, eGoli

 ??  ??
 ??  ?? CASSPER NYOVEST
CASSPER NYOVEST

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa