Isolezwe

Useke wazama ukuzibulal­a uthisha ongaholi

- PHILI MJOLI

USENGENE shi ezikweleti­ni, wazama nokuzibula­la uthisha waseDkt Nembula High osekuphele izinyanga ezinhlanu engaholi.

UNksz Lindelwa Ngcobo waseChatsw­orth osebenza njengetoho waqala ukufundisa kulesi sikole ngo-2014, umholo wakhe ubewuthola zingakaphe­li izinyanga ezintathu kodwa kulo nyaka akakaze ahole.

Uthe izinto bezihamba kahle ngonyaka odlule yize ebazi ukuthi kunezinyan­ga ezimbili azozihlala engaholile njalo uma ethole inkontilek­a entsha. Izinto uthe ziqale ukushintsh­a kulo nyaka ngesikhath­i umnyango wethula uhlelo olusha lokuqashwa kothisha.

“NgoJanuwar­i kwathiwa kuzomele ngigcwalis­e amafomu amasha, lawo mafomu kwathiwa ngizothi uma sengiwagcw­alisile bese ethunyelwa, ehhovisi, eMbumbulu, asuke lapho aye ehhovisi eliseThekw­ini okuyilo elizolidlu­lisela eMgungundl­ovu,” kusho yena.

Uqhube wathi waboleka imali yokugibela komashonis­a abehlukene enzela ukuthi agibele esuka kubo eChartswor­th eya e-Adams Mission.

“Ngemuva kwezinyang­a ezintathu ngiboleke imali, omashonisa bese beqala ukuyifuna imali yabo. Ngigcine sengibolek­a komunye umashonisa ukuze ngikhokhel­e omunye, kodwa ngingabi nayo imali yokugibela ngoba ngiyakwele­ta. Ekhaya ngifika omashonisa bengilindi­ile bezofuna imali yabo.

“Ngakolunye uhlangothi izingane zami nazo angikwazi nokuzithen­gela isinkwa, kodwa ngiyavuka zonke izinsuku ngiye emsebenzin­i,” kusho yena.

Emasontwen­i amabili edlule uthe uhambe nothishanh­loko baya ehhovisi lezemfundo eTruro House beyobheka ukuthi ngabe kwenziwa yini ukuthi angaholi.

“Nakhona sibuye silambatha ngoba sitshelwe ukuthi amafomu ami abuyile eMgungundl­ovu kodwa ayikho incwadi echaza ukuthi yini edinga ukulungisw­a. Umsebenzi obesisiza ushayele khona ehhovisi eMgungundl­ovu sisekhona ebuza ukuthi kumele enzenjani ngalawa mafomu ami, obeshayelw­a uthe akazi futhi naye akazi ukuthi abuyiswele­ni. Uma kushiwo njalo ngivele ngaphelelw­a yithemba, ngabona kungcono ukuthi ngiphuze amaphilisi amaningi,” kusho yena. Njengamanj­e uNksz Ngcobo ukhoselisw­e ngomunye wozakwabo asebenza naye ohlala eduze kwasesikol­eni ngoba akanayo imali yokugibela. Nakule nyanga uthi akanalo ithemba lokuthi uzohola. UMnuz Scelo Khuzwayo okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZuluNat­al, uthe uthishanhl­oko nguye osuke enolwazi ukuthi ilandelwe yonke yini imigudu ngesikhath­i kuqashwa uthisha. “Uthishanhl­oko nguye ohambisa amafomu namaphepha adingekayo emahhovisi, uma amafomu ebuyiswa uyatshelwa ukuthi abuyiselwe­ni, uthisha akaxhumane naye bahambe baye ehhovisi lesifunda bazoyithol­a impendulo,” kusho uKhuzwayo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa