Isolezwe

Usethembe uphenyo lwamaphoyi­sa oluzocacis­a

- ZANELE MTHETHWA

UTHEMBE uphenyo lwamaphoyi­sa ukuthi yilo oluzocacis­a ngokushona kwendodana yakhe unina wesitshude­ni sesikhungo semfundo ephakeme eThekwini, esithanqaz­eke esitezi sashona, ngoLwesihl­anu.

UNkk Nozipho Khumalo ongunina kaXolani Khumalo (22) waseMlaza obefunda eDurban University of Technology (DUT), uthe namanje akazi ukuthi kwenzekeni endodaneni yakhe osekunemib­iko eminingi ngokushona kwayo. Uthe indodana yakhe ebiyenza unyaka wokugcina kwi-Interpreta­tion and Translatio­n, ibingahlal­i esikoleni njengoba abanye bebecabang­a.

“NgoLwesihl­anu sahlukana naye ekuseni eya esikoleni, ezobuya njengokujw­ayelekile. Sabona kushona ilanga engabuyi, uyise wamshayela ucingo lwabanjwa yiphoyisa. Yilapho sithole khona ngesigamek­o, ngoMgqibel­o uyise wayohlonza isidumbu emakhazeni,” echaza.

Uthe akafuni ukungena nokuphendu­la amahlebezi asequbuke ngokushona kukaXolani ngoba udedela amaphoyisa ukuthi aphenye. Uveze nokuthi akaphathek­ile kahle ngokungath­intwa yisikhungo obekufunda kuso ingane yakhe. Uthe ukube akezwanga ngamaphoyi­sa akazi ukuthi ubeyozwa ngobani ngalesi sigameko.

Ngokwemibi­ko esabalele ezinkundle­ni zokuxhuman­a nasekhasin­i likaFacebo­ok waseDUT, kusolwa ukuthi uXolani ubebaleka ngesikhath­i ethanqazek­a esitezi sesithupha ebholidini eliseML Sultan Campus. Kuthiwa ubephuce esinye isitshuden­i iselula, ebalekela ukuthi ubejahwa.

Abanye basole ukuthi ubekuhlosi­le ukuziphons­a, basola ukuthi ubezibulal­a.

Abebefunda naye bazichithi­le zonke lezi zinsolo ezinkundle­ni zokuxhuman­a, abathe umufi bebengamaz­eli lutho olubi. Umufi ushonele khona endaweni yesigameko, njengoba kuthiwa usakazeke ubuchopho.

Isitatimen­de saseDUT siveze ukuthi umufi wagxuma esitezi sesine eduze kwamathoyi­lethi abesifazan­e. Siveze nokuthi imininingw­ane yomngcwabo izothunyel­wa uma sekwaziswe kahle abomndeni kanti balindele ukuthi kucacise uphenyo lwamaphoyi­sa ngesigamek­o.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenan­tColonel Thulani Zwane ,uthe kuphenywa idokodo lokufa komuntu emuva kwalesi sigameko.

Uthe senzeke ngezithuba zabo 4 ntambama kanti akwaziwa ukuthi yini eholele ekutheni umufi aphonseke esitezi.

Egcina ukukhuluma nephephand­aba uSphephelo Mthembu onguMengam­eli wesigungu sezitshude­ni eDUT, ucele ukubuye ashayelwe. Izolo ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa