Sekuqalile ukukhishwa kwamakhadi amasha okuhola
SELUQALILE uhlelo lokukhishwa kwamakhadi amasha okuhola eSouth African Social Security Agency (Sassa). Owezokuxhumana kwaSassa KwaZulu-Natal, uMnuz Mbizeni Mdlalose, izolo uthe lokhu kusenzeka ezikhungweni zokuhola kuphela.
“Amakhadi amasha aseqalile ukukhishwa kodwa amadala asazoqhubeka asebenze nawo. Amakhadi amasha asatholakala ezikhungweni zakwaSassa kuphela okwamanje kodwa ngokuhamba kwesikhathi azobakhona nakwezinye izindawo okuholelwa kuzo,” usho kanje.
Ukwethulwa kwamakhadi amasha okuholela imali yempesheni ngenye yezinguquko zakamuva zakwaSassa ngemuva kokunqanyulwa kobudlelwane bayo nenkampani iCash Paymaster Services.
Inhloko yezokuxhumana kwaSassa, uMnuz Paseka Letsatsi, ngesikhathi ibhalela iphephandaba eliwuzakwabo weSolezwe, iSunday Tribune, ithe enye yezinkinga abafuna ukuziqeda ngamakhadi amasha ukuthathwa kwemali yabahola izibonelelo zikahulumeni.
Imali ebithathwa bekuthiwa eye-airtime, omasingcwabisane, ugesi nokunye.
“Ngokomthetho u-26 A weSocial Assistance Act, ukuthathwa kwemali okuvumelekile okuthinta umasingcwabisane futhi nakhona akumele kudlule ku-10% wemali yesibonelelo,” usho kanje.
Uveze ukuthi bathole ukuthi kwezinye izindawo amakhadi akwaSassa abesebanjwa omashonisa njengendlela yokubophezela abakweletayo ukuthi bakhokhe, beyalelwa ukuthi bashiye ikhadi nenombolo eyimfihlo yokukhipha imali.
Uthe kuleli khadi elisha, elikhishwa yiSouth African Post Office, imali ngeke isathathwa ngezindlela ezingekho emthethweni.
Ngaphezu kwalokho abahola ngekhadi elisha bazokwazi ukukhipha imali mahhala kathathu ezindaweni ezisebenzisana neSassa. Bazoyikhipha mahhala kanye eposini.
Uhlelo lokushintsha amakhadi luzoqhubeka kuze kube uSepthemba nonyaka.
Kukhishwa lawa makhadi nje izolo kuqale isiteleka sabasebenzi abangaphansi kwenyunyana iPublic Servants Association (iPSA), bakwaSassa abafuna ukunyuselwa umholo.
UMdlalose uthe lesi siteleka ngeke sikuthikameza ukusebenza emahhovisi abo.