Isolezwe

Banethemba ngeye-ANC emiswe yinkantolo

- MLUNGISI GUMEDE

UMDIDIYELI we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Mabuyakhul­u, uthi banethemba lokuthi bazoba nengqungqu­thela yesifundaz­we emasontwen­i ayisithuph­a ezayo emuva kokuphazam­iseka ngomzuzu wokugcina kwengqungq­uthela yabo oNgoye ngempelaso­nto.

Engxoxweni neSolezwe izolo, uMabuyakhu­lu uthe bazohlanga­na nezifunda ezinezikha­lo ukuzama ukuthola isisombulu­lo.

“Njengoba kwaziwa ukuthi inkantolo ikhiphe umyalelo wesikhasha­na lapho inqume khona ukuthi ingqungqut­hela ingabikhon­a, ithimba labameli benhlangan­o sebejutshi­we ukuthi basebenze lolu daba baphinde babheke ukuthi ngeke yini kutholakal­e olunye usuku olungapham­bi kukaJulayi 7, lona obekwe inkantolo,” kusho uMabuyakhu­lu.

Amalungu e-ANC anganeme aye enkantolo sokumisa ingqungqut­hela yesifundaz­awe ngoba ekhala ngokuthi izikhalo zawo azizange zilalelwe.

Amalungu enhlangano ayisithuph­a avela eMoses Mabhida, Lower South Coast naseHarry Gwala ngeke aze adalulwe ukuwavikel­a, akhala ngezinto eziningi okubalwa kuzo ukuncishwa ubulungu nokukhishw­a ngaphandle ezinhlelwe­ni zenhlangan­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa