Isolezwe

ISilo sifuna incazelo kuRamaphos­a

- ZIMASA MATIWANE

ISILO samabandla, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzul­u, sifuna uMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa, achaze kabanzi ngokuthi kuhlakazwe Ingonyama Trust njengoba sesiqoke abameli abazolwa nokuhlakaz­wa kwayo.

Lezi zindaba zivele izolo emuva komhlangan­o wamakhosi neSilo obusoLundi.

Ingonyama Trust yasungulwa ngo-1994 ukuze kuphathwe umhlaba owawupheth­we wuhulumeni waKwaZulu.

INgonyama Trust iphethe u-30% womhlaba waKwaZulu-Natal kanti umuntu oyiphethe yiSilo esibhekele konke okwenzeka emhlabeni ongamahekt­ha angu-2.8 million osezindawe­ni zasemakhay­a.

Owayengume­ngameli wezwe, uMnuz Kgalema Motlanthe nethimba lakhe baphakamis­a ukuthi Ingonyama Trust ihlakazwe futhi umhlaba okuyo uphathwe nguMnyango wezokuThut­hukiswa kwezindawo zasemakhay­a ukuze wonke umuntu athole umhlaba olinganayo.

Kodwa iSilo namanye amakhosi bathe bazoyiphik­isa yonke imizamo yokusiphuc­a umhlaba waso. Sithe sesiqoke abameli futhi sesekwa nanguNduna­nkulu waKwaZuluN­atal, uMnuz Willies Mchunu othe isifundazw­e ngeke sikweseke ukuqedwa kweNgonyam­a Trust.

“Ngidinga ukukhuluma noMengamel­i wezwe ngokushesh­a ukuze angichazel­e ukuthi kungani uma kukhulunyw­a ngomhlaba yena abheke owami. Umhlaba wethu unothile, yingakho besisukela, siyayazi impi kodwa sifuna ukuba ngamabutho okuthula,” kusho iSilo.

Sithe ngeke sivumele ukuthi abantu baso bahlukunye­zwe wuhulumeni wentando yabantu njengoba sasihlukun­yezwa wuhulumeni wobandlulu­lo. Siphinde sathi singayalel­a abantu baso ukuthi bagodle amavoti abo okhethweni lwangonyak­a ozayo uma beqhubeka nokusidele­la.

“Kunabantu abasitshel­a ukuthi umhlaba wethu uzothathwa, sasiwuthat­he kobani lo mhlaba? Sihlulelwa ngabantu abangasazi, abangazimi­sele nokusazi, abasebenzi­sa amandla ukufeza izinhloso zabo,” kusho iSilo.

ISilo siphinde sacela ukwesekwa ngamaZulu nabantu abahlala emhlabeni waso kungakhath­aleki ukuthi baluhlanga luni.

“Akufanele siyithathe kancane le mpi ebhekiswe kithina, iNingizimu Afrika iyasizonda, ngifisa sibambane ukuze sinqobe le nto,” sisho kanje.

Sithe asinanking­a nombono kaMotlanth­e kodwa inkinga esinayo wukuthi ufuna umbono wakhe wamukelwe ngenkani.

“Samcela (uMotlanthe) ukuthi eze emhlanganw­eni owawuse-ICC, sifuna yena nethimba lakhe asichazele iziphakami­so abazenzile. Okungidina­yo wukuthi kuthiwe Ingonyama Trust yasungulwa wuhulumeni wobandlulu­lo,” kusho iSilo.

Sithe isizwe samaZulu siyachukul­uzwa ngoba sasingamuk­elwanga kuhulumeni wentando yabantu.

“Siphathisw­a okwamaveza­ndlebe ezweni lethu, uhulumeni kufanele eze lapha azositshel­a ukuthi asiye kuphi ngoba isiphethe kabi le nto yokungahlo­nishwa wuhulumeni we-ANC. Sihlaselwa abaholi abakhethwe ngentando yabantu,” kusho iSilo.

Sicele i-ANC ukuthi ilungise izinto zayo ngaphambi kokuthi ihluphe bona. Sithe iNgonyama Trust izoqhubeka nezinyathe­lo zomthetho ilwe nesiphakam­iso sokuthi mayihlakaz­we.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa