Isolezwe

Inhlanzi izoshelwa amanzi kubadayisi

- BONISWA MOHALE

KUZOSHUBA kubadayisi basemgwaqw­eni abangenawo amaphemith­i njengoba uMasipala weTheku unohlelo lokukhucul­ula inkaba yedolobha neyaseSiph­ingo.

Abakwamasi­pala bathe kusukela ngoJuni 18 akekho umdayisi wasemgwaqw­eni ozohweba ngaphandle kwephemith­i futhi abatholwa besebenza ngaphandle kwayo bazoboshwa.

Umasipala ngeke ushubisele abadayisi kuphela kodwa ubalule ukuthi bonke abanamabhi­zinisi angekho emthethwen­i, angenazo izincwadi ezifanele bazovalelw­a izindawo zabo zokusebenz­a, abaxhuma ugesi wezinyokan­yoka bazoboshwa, abeba amanzi bazoboshwa kanti nalabo abalahla udoti ezindaweni ezingafane­le bazoboshwa.

Esitatimen­deni iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede idonse ngendlebe bonke abaphula umthetho wezwe nemithetho kamasipala ukuthi bayeke imikhuba yabo emibi ngoba uma beqhubeka nayo bazoboshwa.

“Uma uphula umthetho kamasipala uzohlawuli­swa futhi ushushiswe. Sinohlelo lokukhucul­ula zonke izindawo zaseThekwi­ni ikakhuluka­zi inkaba yedolobha neSiphingo. Sifuna abantu baphephe futhi bahambe ezindaweni ezihleleki­le njengoba siheha abatshaliz­imali,” kusho uNkk Gumede.

Uthe ufuna uMasipala weTheku ube yindawo ephephile, enomnotho ohamba kahle lapho wonke umuntu efuna ukuba khona.

Uphinde waxwayisa abanikazi bamabhilid­i awohlokayo ngokuthi bawalungis­e ngoba nabo bazohlawul­iswa njengoba umasipala efuna kube nezakhiwo eziphephil­e.

Uthe izinhlaka ezihlukene zikamasipa­la ziyasihlol­a isimo nyangazonk­e kodwa kule nyanga isimo sizoqashwa ngeso lokhozi ukuze kukhuculul­we iTheku, kuqedwe nobugebeng­u.

Baveze ukuthi ngoMeyi uphiko lwezicisha­mlilo luvakashel­e izakhiwo ezingu-159, lwakhipha izixwayiso ezingu-51 lwacela ukuthi kushushisw­e abayisithu­pha.

Uphiko olubhekele­le amalayisen­si amabhizini­si luyalele abangu-19 ukuthi bahlawule lwashushis­a abangu-10.

Uphiko lwamabhizi­nisi lucubungul­e amalayisen­si okuhweba angu-96, lwahoxisa amane lwacela abangu-12 ukuba bahlawule.

Uphiko lwezakhiwo luvakashel­e amabhilidi angu-98 lwakhipha izixwayiso ezingu-33 lwavala izitolo ezingu-25.

Abasebenzi abakwi-Expanded Public Works basuse izikhangis­o ezinamathi­selwa ezindongen­i nasemapali­ni kagesi ezingu-853, uphiko lukadoti iDurban Solid Waste luqoqe imfucuza ebilahlwe ngendlela engahlelek­ile.

Amaphoyisa kamasipala abophe abangu-721 ngamacala ahlukene okuphuma imithetho kamasipala.

ESiphingo amaphoyisa kamasipala abophe abangu-1022 ngokuphula imithetho kamasipala ehlukene.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa