Isolezwe

I-IEC iyayeshwam­a eyekhansel­a le-IFP eliboshelw­e ukweba

- INTATHELI YESOLEZWE

IKHOMISHIN­I ebhekele ukhetho KwaZulu-Natal ithe kuze kube yimanje ayikabikel­wa ngekhansel­a le-IFP elingasekh­o emphakathi­ni ngenxa yokuthi lidonsa iminyaka eyisithuph­a ngecala lokweba imfuyo.

Sekuphele amasonto amathathu uMnuz Zamani Sibiya waku-ward-20 KwaNongoma edonsa ejele kodwa abe-IEC abakaziswa ukuze akhishwe emabhukwin­i obukhansel­a bese kuba nokhetho lokuchibiy­ela.

USihlalo we-IEC KwaZulu-Natal, uMnuz Mawethu Mosery, uveze ukuthi bebengakat­shelwa ngalolu daba ukuze benze izinhlelo zokhetho lokuchibiy­ela. “Uma ikhansela ligwetshwe isikhathi esingaphez­ulu konyaka kuye kuqalwe uhlelo lokuba likhishwe ohlwini lwethu ukuze sifake omunye umuntu nosuke ezongena ngokokheth­o lokuchibiy­ela. Ngingakuqi­nisekisa ukuthi udaba lukaSibiya alukafiki ezindleben­i zethu. Thina udaba esilwaziyo olwekhanse­la le-ANC ku-ward-4 eMthonjane­ni. Lelo khansela nalo ligwetshwe ngecala elifuze leli lokwebiwa kwemfuyo. Kumanje silungisel­a ukhetho lokuchibiy­ela oluzoba ngoJuni 30. Mayelana noSibiya uma bengasitsh­ela manje kusho ukuthi ukhetho selungaba ngo-Agasti noma ngoSepthem­ba,” kusho uMosery.

Ngesonto eledlule uSomlomo waKwaNongo­ma, uMnuz Bheki Zulu, uthe bebengazi ukuthi uSibiya ubhadla ejele.

“Thina besazi ukuthi uzilovele ngoba uhlale ebakhona kuyona yonke imihlangan­o yomkhandlu. Nokho ngike ngezwa emhlanganw­eni kuthandaza elinye ikhansela lithi licelela nabasemaje­le ukuba baboshwe kahle kodwa angiqondan­ga ukuthi likhuluma ngani,” kusho uZulu ngeledlule.

Wathembisa ukuthi uzoya emzini kaSibiya ayombheka ukuthi ngabe uboshwe ngempela yini aphinde aye ejele adonsa kulo ukuze abe nobufakazi obubambeka­yo.

Ubethe uzoya ejele ngoLwesihl­anu ukuze akwazi ukubikela i-IEC.

Izolo uthintiwe kodwa ucingo ubengaluba­mbi nomyalezo athunyelel­we wona wangawuphe­ndula.

USibiya ubegwetshw­e iminyaka emithathu ngokweba izinkomo eNewcastle kodwa icala walidlulis­a. NgoMeyi 25 inkantolo yase-Utrecht isichithil­e isicelo sakhe yabe isimnikeza eminye iminyaka emithathu ngaphezulu kwalena ayeyithole phambilini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa