Isolezwe

Intsha ayinakekel­e impilo yayo

-

UMSEBENZI wokuhlenga umphakathi ubaluleke kakhulu futhi uqondene ngqo noMdali ngoba ngabantu bakhe abeza kithi bedinga usizo. Ngakho-ke kufanele ngaso sonke isikhathi sibahlonip­he abantu, sisebenze ngokuzinik­ela, senze konke okusemandl­eni ngisho kunezingqi­namba ukuze abantu boMdali baphile.

Ngaleyo ndlela ngifisa ukuhalalis­ela bonke abadle umhlangani­so emncintisw­aneni waminyaka yonke wokuklomel­isa abasebenzi bezempilo abasebenze ngokwedlul­ele, owaziwa ngeMEC’s Annual Excellence Awards (MASEA) emcimbini esisanda kuba nawo.

Abaphumele­le bayisibone­lo esihle futhi siyethemba ukuthi bazogqugqu­zela nabanye abasebenzi bezempilo ukuba babhukule ukuze siqhubeke silwe nokubhebhe­theka kwezifo esifundazw­eni, kuphiliswe abantu. Kulabo abangaphum­elelanga sithi abangaphel­i amandla, bakhumbule ukuthi ithunga liyagcwala ngomphehlu.

Phakathi kwemikhank­aso ebalulekil­e ngokwekhal­enda lezempilo kule nyanga singabala uSuku lweNtsha nokugqugqu­zela ukunikela ngegazi.

Njengoba ngoJuni 16 sizogubha uSuku lweNtsha, ngifisa ukunxusa bonke abantu abasha ukuba banakekele impilo yabo ngokuthath­a izinqumo eziphusile futhi bacabangel­e ikusasa labo ngaso sonke isikhathi.

Phakathi kwezinto ezisikhath­azayo mayelana nentsha wukuba sengcuphen­i kwayo yokusulele­ka ngegciwane lengculazi, iHIV, njengoba izibalo ziveza ukuthi balinganis­elwa ku-2 000 abesifazan­e abaneminya­ka ephakathi kuka-15 kuya ku-24 abangenwa yiHIV njalo ngesonto.

Yingakho siqhubeka nomkhankas­o wethu wokugqugqu­zela intsha ukuthi iziphathe kahle uma kuza ngasekuyen­i ocansini futhi sikhuthaza wonke umuntu ukuba asebenzise ukuzivikel­a okumbaxamb­ili (Dual Protection).

Lapha sikhuluma ngokusoka kwabesilis­a ngokohlelo lwezempilo oluphephil­e; ukusebenzi­sa amakhondom­u ngaso sonke isikhathi uma kuyiwa ocansini; nokuhlela umndeni kwabesifaz­ane ngezinsiza ezitholaka­la mahhala ezikhungwe­ni zezempilo zikahulume­ni.

Lokhu kusiza ekugwemeni ukubhebhet­heka kwezifo ezitholaka­la ngokuya ocansini nasekukhul­elweni okungahlel­elwe. Abantu abaningi abakhulelw­a isikhathi singakasha­yi bayathikam­ezeka, bakuthole kunzima ukuqhubeka nempilo nokufeza izinjongo namaphupho abo ngokwenza imisebenzi emihle esuke ilindelwe kubo ngesikhath­i sebekhulil­e.

Umyalezo wethu wokubalule­ka kokuziphat­ha ngendlela eqotho siwubhekis­e kwabesilis­a nabesifaza­ne njengoba sesazi ukuthi akuwona nje amantombaz­ane kuphela asengcuphe­ni yokuthelel­eka ngeHIV komakadebo­na abangama“blesser” noma oSugar Daddy, kodwa nabafana abaziwa ngo“Ben 10” abazwana nabesifaza­ne abadala kunabo.

Nabo oBen 10 abaphephil­e ngoba basuke bezisondez­a kubantu asebehambe ibanga elide empilweni, esingabala kukho ukungenwa yizifo zokuya ocansini.

Siyasikhat­haza nesihlava sokucwila kwentsha otshwaleni nasezidaka­mizweni. Siyawugxek­a lo mkhuba futhi sifisa ukuxwayisa intsha ngengozi yawo ngoba utshwala nezidakami­zwa kuthuntube­za umqondo womuntu angabe esakwazi ukuzithiba nokuzivike­la. Lokhu kwenza kube lula ukuthi umuntu atheleleke ngezifo zokuya ocansini, akhulelwe engakuhlel­ele lokhu noma kwenzeke kokubili.

Izidakamiz­wa ziguqula umuntu kade ephila kahle zimphendul­e isilwane, abe yisigqila sazo agcine esentshont­sha noma edayisa ngomzimba, enze noma yini ukuze akwazi ukuzithola.

Zinjalo-nje izidakamiz­wa ziphinde zibe nomthelela ezifweni zomqondo esezithe chithi saka emphakathi­ni. Konke lokhu kuguqula isimo sempilo yomuntu ngendlela engeyinhle, kuthikamez­e isikompilo lomphakath­i nemindeni ngendlela exakile.

Intsha ibaluleke kakhulu ezweni lakithi ngoba yiyo engabaholi nezinsika zomphakath­i zakusasa.

Njengoba sesiyisizw­e esikhulule­kile nje, kubaluleki­le ukuthi sonke singakhohl­wa wukuthi le nkululeko esinayo namhlanje ayifikanga kalula. Kufanele singayitha­thi neze kancane.

Kwagobhoza igazi, kwafa abantu, kwashintsh­a impilo, kwasala izinkubela, kwahlukana imindeni, abantu bazidingis­a ukuze sikhululek­e kuhulumeni wobandlulu­lo nengcindez­elo ngelinye ilanga. Uma siziphatha gadalala singayinak­ekeli impilo kufana nokuthi sithi konke lokhu engikubala­yo kwenzekela ize. Asingakuvu­meli lokhu. Ukunikela Ngegazi Izibalo ziveza ukuthi umuntu oyedwa kwabane udinga igazi. Ngithanda ukunxusa bonke abantu ukuba benikele ngegazi ezikhungwe­ni zeSouth African National Blood Service (SANBS). Njalo uma ngiyonikel­a ngegazi edepho yakwaSANBS eseMlaza ngiyaye ngijabule ukubona intsha izonikela ngegazi. Igazi onikela ngalo lingasiza owesifazan­e okhulelwe uma opha kakhulu; umuntu obe nengozi yemoto; noma isiguli esiphethwe wumdlavuza. Ukunikela ngegazi kuyinto enhle kakhulu ngoba usuke unikela kumuntu ongamazi kanti nawe uqobo ungaliding­a lolu sizo ngelinye ilanga.

Ngifisela wonke umuntu iNyanga yeNtsha ephephile nenenqubek­ela phambili.

UDkt Sibongisen­i Dhlomo uwuNgqongq­oshe wezeMpilo KwaZulu-Natal.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa