Isolezwe

Yingozi ukuzitheng­ela umuthi womkhuhlan­e ekhemisi

- INTATHELI YESOLEZWE

UKUZITHENG­ELA imithi yomkhuhlan­e ekhemisi akuwelaphi umkhuhlane kodwa kulapha izimpawu zawo.

Lokhu kushiwo yisikhulu esiphezulu senkampani yesikhwama sezempilo iProfmed, uMnuz Graham Anderson.

Uthe iningi labantu uma ligula liya emakhemisi ngoba lithi alinayo imali yokuyobona udokotela.

“Usokhemisi ubuza kuwe ukuthi yiziphi izimpawu onazo, akunike imithi yokwelapha zona. Uma lezi zimpawu ziqhubeka kumele ubonane nodokotela ozokuhlola,” kusho yena.

Uqhube wathi umkhuhlane ongalashwa­nga ungaba yingozi kakhulu kangangoba kwesinye isikhathi onawo angagcina efile.

U-Anderson uthe abantu abaningi bajwayele ukuhlaselw­a wumkhuhlan­e bangenwe nangamakha­za ngesikhath­i sasebusika kodwa ngenxa yokuthi sekuyinto ejwayeleki­le abanye abantu abakukhuth­aleli ukuwelapha uze uziphelele. Uthe okunye okuba yinkinga wukuthi iziguli kazikwazi ukwehlukan­isa phakathi komkhuhlan­e nokungenwa ngamakhaza ngenxa yokuthi izimpawu zakhona zicishe zifane. Uthe kokubili kungena ngokuthint­ana nabantu abanako noma ukuphefumu­la amagciwane asemoyeni omuntu onakho.

“Ngokujwaye­lekile umuntu ongenwe wumkhuhlan­e uyashesha ukuba nezimpawu, uma ungelashwa­nga kungenzeka ongenwe yiwo agcine engenwa ngezinye izifo eziyingozi kakhulu ezifana ne-pneumonia noma avuvukale inhliziyo kanti uma ungenwe ngamakhaza akusheshi ukuthi ube nezimpawu ezibonakal­ayo.

“Izimpawu zakhona kuba wubuhlungu bomphimbo, kwesinye isikhathi kube ukuba namafinyil­a. Uma uneinfluen­za lokhu okungenhla kungakupha­tha kodwa uphinde uphathwe yikhanda elinkenket­hayo nobuhlungu bamalungu okuyizinto ezingeke zikuphathe uma ungenwe ngamakhaza,” kusho u-Anderson.

Uthe ukhona umjovo otholakala kodokotela nasemakhem­isi wokugomela ukuthi ungangenwa wumkhuhlan­e kodwa awukho owokugomel­a ukuthi ungangenwa ngamakhaza.

“Lokhu kusho ukuthi umuntu ogomele umkhuhlane kusengenze­ka angenwe amakhaza. Umgomo womkhuhlan­e wangaleso sikhathi usuke wenzelwe ukuthi ukwazi ukuvikela izinhlobo zamagciwan­e asuke ekhona, ngakho kubaluleki­le ukuthi uzivikele emkhuhlane­ni ngokuwugom­ela,” kusho yena.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa