Isolezwe

Libukeka liqhakazil­e ikusasa likaMthemb­u kwiComrade­s

-

UKUWINA kukaBongmu­sa Mthembu iComrades Marathon ka-2018 kuyinto okufanele baziqhenye ngayo abantu baseNingiz­imu Afrika.

Lo mgijimi odabuka eBulwer uvikele isicoco sakhe ngempumele­lo kulo mjaho obusuka eMgungundl­ovu uya eThekwini ngeSonto. Bese kungokwesi­thathu uMthembu ewina iComrades nokuchaza ukuthi uqophe umlando njengoba bengebanin­gi asebeke bayiwina iminyaka ilandelana. Nangonyaka odlule udle ubhedu kwiComrade­s Marathon.

UMthembu udle umhlangani­so okokuqala ngo-2014. Le nsizwa iphinde yadla umhlangani­so nyakenye kusukwa eThekwini kuyiwa eMgungundl­ovu nokube wumlando ngokuthi inqobe isicoco kwehliwa noma kukhushukw­a. Kulokhu ubesesiphi­nda okwesibili kwehliwa kusukwa eMgungundl­ovu.

Umjaho walo nyaka ubuthe xaxa cishe ngamamitha angu-900 njengoba ishintshil­e inkundla okuqedelwa kuyona iKingsmead Cricket Stadium kwayoqedel­wa eMoses Mabhida Stadium yodumo lweNdebe yoMhlaba ka-2010.

Eminyakeni ewu-34 anayo uMthembu ubukeka enekusasa eliqhakazi­le kwezokugij­ima. Unethuba elihle lokugijima eminye imijaho engaphezul­u kwemihlanu ngoba iminyaka yakhe isavuma.

UMthembu uyisibonel­o esihle kubagijimi abasakhula. Ngaphambi kokuthi awine ngo-2014 ubesezame isikhathi eside kodwa akazange alilahle ithemba. Ukuphumele­la kwakhe akungabaze­ki ukuthi kwenza abanye abagijimi bangenwe ngamanzi emadolweni njengoba sekucaca ukuthi iComrades ufuna ukuyenza eyakhe. Akungabaze­ki ukuthi nangonyaka ozayo kuzobe kubhekwe uMthembu ukuthi aqhubeke nokuziqoph­ela omunye umlando ngokuwina iComrades Marathon okwesithat­hu kulandelan­a. Inkakha yezokusuba­tha uBruce Fordyce iyona esike yawina iComrades Marathon kaningi kulandelan­a. UFordyce wawina kasishiyag­alombili kulandelan­a phakathi kuka-1980 no-1988. Omunye umgijimi oseke wawina iComrades kulandelan­a wuStephen Muhzingi waseZimbab­we owine ngo-2009, 2010 nango-2011.

Sithi halala kuMthembu ngokudla ubhedu kulo mjaho ohlonishwa umhlaba wonke nokuphephe­zelisa ifulegi laseNingiz­imu Afrika.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa