Isolezwe

Kungasiza ukuba namakhasi ezomnyango

-

MHLELI: Ngiye ngiphathek­e kabi uma ngithola umphakathi ukhala ngendaba yoMnyango wezaseKhay­a, SASSA nowezeNhla­lakahle.

Abantu abasebenza kulezi zindawo abayitholi ingcindezi emphakathi­ni, ngaleyo ndlela umphakathi uhlala nezinkinga iminyaka zingaxazul­ulwa kuze kungenelel­e izintathel­i. Kwesinye isikhathi umuntu uze ashone enenkinga. Kuyacaca ukuthi kabekho abasebenzi bale minyango nabaphathi bakhona abajulayo ngenkinga yomuntu.

Ngiyafisa ukuthi Isolezwe licele uxhaso kuhulumeni bese kuba namakhasi ephephanda­beni mhlawumbe amane nje kuphela azobhekana ngqo nezinkinga zale minyango kahulumeni yomithathu.

Kunomuntu okuye kuthiwe ushonile kodwa ebe ephila, kimina lowo muntu kufanele avuswe okungenani emasontwen­i amabili. Okokuqala wukuya emakhazeni okuyiwona amngcwaba, wukuthola owayenguma­qondana kamufi. Wukuthatha amanyela eminwe kophilayo ayiswe ePitoli ukuze asho ukuthi ngabe usaphila yini noma cha.

Uma amanyela eminwe ethi usaphila, sekumele bacishe irekhodi lokuthi ufile bese evuswa. Isikhathi esiningi baye bathi eMnyangwen­i wezaseKhay­a lona ophilayo makenzelwe ipasi elisha lokho kusuke kuchaza ukuthi makungaphe­nywa ukuthi wabulawa kanjani ephila.

Kakukwazi ukuthi umuntu uma kutholakal­a ukuthi ipasi lakhe likhomba ukuthi sewashona kodwa ephambi kwami lokho sekumele kusho ukuthi angingamsi­zi ngokumvusa.

UMnyango wezaseKhay­a unemishini ekhona yobuchweph­eshe kumanje, okusho ukuthi lowo muntu bangathola ngesikhath­i ukuthi usaphila bese bemvusa besalindel­e ukuthola ukuthi pho kwenzeka kanjani ukuthi kuthiwe ufile ebe ephila.

Ngiyacaban­ga ukuthi uma kungaba namakhasi azobhekana ngqo nalezi zinkinga zikahulume­ni umphakathi ungasizaka­la kakhulu, naye uhulumeni angasizaka­la ngoba iphepha lingabe lixazulula izinkinga zakhe.

Nani lapho ephepheni ningaba nezisebenz­i ezizobheka­na ngqo nalezi zindaba ezihlukume­za abantu. Ungamangal­a ukuthi kunabantu asebagqigq­a baze bakhathala kulezi zindawo bengalutho­li usizo umuntu aze afe engasizaka­langa.

Nayo le minyango kahulumeni ingaphoxek­a uma kuvela ukuthi kunabantu ababa nezinkinga mhlawumbe kusuka ngo-1990 kodwa namanje kazikaxazu­lulwa, bangagijim­a bazixazulu­le.

Abasebenzi beSolezwe bangakwazi ukuba nemihlanga­no nalezi zikhulu kuboniswan­e ngendlela okuzosetsh­enziswana ngayo ukusiza umphakathi. Uhulumeni unemali, ngeke wanqaba ukukhokhel­a lolu hlelo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa