Isolezwe

Imiphumela yahamba nezikhukhu­la

-

O’Brien Gcabashe ENANDA MHLELI: Ngicela ungidlulis­ele nalu usizi lunginamat­hele. Ngo-2016 bengifunda eDurban Computer College kusuka kuqala unyaka kuze kube phakathi nawo ngathola imiphumela kaJuni eyayikhomb­a ukuthi sengadlule­la engxenyeni esele yonyaka.

Ngeshwa ngaba nezinkinga kwezezimal­i, ngacela isikole singivumel­e ngiqhubeke nezifundo ngizobakho­khela emuva kwezinyang­a ezimbili nalapho baphetha ngokuthi bangixoshe.

Ngo-2017 ngaba matasa ngangakwaz­i ukubuyela esikoleni kanti ngo-10 Okthoba 2017 kuzofika izikhukhul­a zihambe nayo imiphumela kaJuni (2016) uma ngibuyela esikoleni kulo nyaka ngiyocela bangenzele ikhophi yemiphumel­a bangitshel­a ukuthi ngiyakwele­ta.

Okufike kungidide ngukuthi imiphumela mibili kodwa mina ngafunda ingxenye eyodwa yonyaka.

Ngicela ungixhuman­ise nomnyango ozokwazi ukungisiza ngithole imiphumela kaJuni ngoba ngeke ngikwazi ukuyitheng­a le miphumela yokuphela konyaka. Silindile Dlamini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa