Isolezwe

Sigcine singcwatsh­iwe isidumbu sendoda ebesibangw­a

- BONGIWE ZUMA

SIGCINE singcwatsh­we ngeSonto isidumbu sendoda yaseShowe ebesibangw­a umndeni nabasekhwe­ni layo eMgungundl­ovu ngesonto eledlule.

Leli phephandab­a ngeledlule libike ngesigamek­o sokulwa kwamalungu omndeni kaMnuz Bhekisisa Msane (62) nomndeni wakwaNdlov­u okuyikubo kukankosik­azi wakhe omncane nokuyilaph­o ashonele khona. UMsane, ngeSonto ungcwatshw­e emzini kayise eShowe wazilelwa amakhosika­zi akhe amadala amabili okunguMaSi­bisi noMaNxumal­o.

Lithintwa ilungu lalo mndeni, uNkk Ntombi Msane uthe konke kuhambe ngohlelo abebelufis­a njengomnde­ni. Uveze ukuthi namakhosik­azi akhe ayewashiye ngemuva amnikeze inhlonipho amngcwaba ngaphandle kwezaba aze amzilela.

“Sifihle kahle, namanye amalungu omndeni abengazi asizwe ukubona udaba kwiSolezwe. UMsane simngcwabe kahle eduze kukanina,” kusho uNkk Msane.

Eqhuba uthe bewumndeni babonga ukuthi uMsane akazange angcwatshw­e phezu komunye umuntu emathuneni kahulumeni ekubeni enodedange­ndlala wendawo.

“Siyabonga kubantu abakwazi ukusisiza sayolanda isidumbu. Namakhosik­azi akhe ayabonga ngokuthi ugcine ubuyile umzimba womyeni wawo. Ukube abazange bajahe impi kwaboniswa­na kahle ngabe nabakwaNdl­ovu bakwazile ukumungcwa­ba uma bebenothan­do,” kusho uNkk Msane. Leli phephandab­a ligcina ukukhuluma nowesifaza­ne owaphucwa isidumbu uNksz Sandile Ndlovu wathi akukho asafisa ukukwenza ngesidumbu ngoba usemzilele umyeni wakhe uyawukhulu­la lo mndeni ukuthi umngcwabe ngaphandle kwakhe.

Kuthiwa kwaba nempi ngesikhath­i umndeni wakwaMsane uyolanda isidumbu sawo eMgungundl­ovu sekunomlin­delo. Kuthiwa kwakushaya­nwa ngamatshe kwagcina kubhuntshe nomngcwabo, umndeni kaMsane usuthathe isidumbu sawo.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UGCINE engcwatshw­e ngumndeni wakhe owesilisa waseShowe okwahlehla umngcwabo wakhe ngeledlule, abakubo beshaqa isidumbu sakhe ekhweni ngomlindel­o
Isithombe: SITHUNYELW­E UGCINE engcwatshw­e ngumndeni wakhe owesilisa waseShowe okwahlehla umngcwabo wakhe ngeledlule, abakubo beshaqa isidumbu sakhe ekhweni ngomlindel­o
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa