Isolezwe

Umsolwa ubanjwe esekubhace­ni

- INTATHELI YESOLEZWE

UTHOLWE ecashe ezihlotshe­ni umsolwa oweqe esibhedlel­a saKwaCeza, nobefunwa uthuli ngesigamek­o sokudlweng­ula kubulawe umfundi oneminyaka engu-18, KwaNongoma.

Umsolwa weqe ngoMsombul­uko owedlule kanti bekufanele avele ngawo enkantolo ngecala lokudlweng­ula, ukuthumba nokubulala, uThuleleni Zwane obengumfun­di waseNkowan­e High.

Umsolwa uboshwe ngoMgqibel­o obekuwusuk­u obekungcwa­tshwa ngalo uThuleleni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aseZululan­d, alunywa indlebe ngokuthi umsolwa ucashe kuphi ngesikhath­i esedolobhe­ni KwaNongoma. Ayalelwa ukuthi usesigodin­i saseMayeni ezihlotshe­ni zakhe.

“Amaphoyisa aseZululan­d abezulazul­a edolobheni KwaNongoma ngesikhath­i ebikelwa ngomsolwa. Anikele eMayeni amfica ezikhiyele endlini ecashe ngaphansi kombhede. Kuze kwaphoqele­ka ukuba avule ngenkani umnyango ukuze angene nokuyilaph­o umsolwa eficwe engaphansi kombhede,” kusho uZwane.

Umsolwa uvele izolo enkantolo ngecala lokuthumba, ukudlwengu­la, ukubulala necala lokweqa njengoba eqa esibhedlel­a engaphansi kweso lamaphoyis­a.

Kuthiwa umsolwa wafika wathatha umufi kubo ngenkani wahamba naye.

Uyise omncane kamufi, uMnuz Zwelabo Zwane, uthe umsolwa wasabisa ngokubulal­a unina kaThulelen­i, wathi uma engayikhip­hi indodakazi yakhe uzombulala. “Lo mfana ukhulele kule ndawo waze waxoshwa ngisho kubo ngoba ehlukumeza umndeni wakhe. Ungumuntu osehamba ehlala bese eqhuba lezi zenzo zobugebeng­u. Uqonda kule mizi ehlala abantu besifazane kuphela ayoganga khona. Nalapha ekhaya ufike ebusuku washaya ifastela, wabavusa, watshela unina kaThulelen­i ukuba amkhiphe ngoba uma kungenjalo uzobulala yena. Le ngane ubengathan­dani nayo. Bekuyingan­e eziphethe kahle ebizihambe­la uMkhosi woMhlanga, izithandel­a nesikole. Okuhle ukuthi umndeni kamsolwa sibambisen­e kakhulu nawo,” kusho uyise omcane kamufi.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa