Umsolwa ubanjwe esekubhaceni
UTHOLWE ecashe ezihlotsheni umsolwa oweqe esibhedlela saKwaCeza, nobefunwa uthuli ngesigameko sokudlwengula kubulawe umfundi oneminyaka engu-18, KwaNongoma.
Umsolwa weqe ngoMsombuluko owedlule kanti bekufanele avele ngawo enkantolo ngecala lokudlwengula, ukuthumba nokubulala, uThuleleni Zwane obengumfundi waseNkowane High.
Umsolwa uboshwe ngoMgqibelo obekuwusuku obekungcwatshwa ngalo uThuleleni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aseZululand, alunywa indlebe ngokuthi umsolwa ucashe kuphi ngesikhathi esedolobheni KwaNongoma. Ayalelwa ukuthi usesigodini saseMayeni ezihlotsheni zakhe.
“Amaphoyisa aseZululand abezulazula edolobheni KwaNongoma ngesikhathi ebikelwa ngomsolwa. Anikele eMayeni amfica ezikhiyele endlini ecashe ngaphansi kombhede. Kuze kwaphoqeleka ukuba avule ngenkani umnyango ukuze angene nokuyilapho umsolwa eficwe engaphansi kombhede,” kusho uZwane.
Umsolwa uvele izolo enkantolo ngecala lokuthumba, ukudlwengula, ukubulala necala lokweqa njengoba eqa esibhedlela engaphansi kweso lamaphoyisa.
Kuthiwa umsolwa wafika wathatha umufi kubo ngenkani wahamba naye.
Uyise omncane kamufi, uMnuz Zwelabo Zwane, uthe umsolwa wasabisa ngokubulala unina kaThuleleni, wathi uma engayikhiphi indodakazi yakhe uzombulala. “Lo mfana ukhulele kule ndawo waze waxoshwa ngisho kubo ngoba ehlukumeza umndeni wakhe. Ungumuntu osehamba ehlala bese eqhuba lezi zenzo zobugebengu. Uqonda kule mizi ehlala abantu besifazane kuphela ayoganga khona. Nalapha ekhaya ufike ebusuku washaya ifastela, wabavusa, watshela unina kaThuleleni ukuba amkhiphe ngoba uma kungenjalo uzobulala yena. Le ngane ubengathandani nayo. Bekuyingane eziphethe kahle ebizihambela uMkhosi woMhlanga, izithandela nesikole. Okuhle ukuthi umndeni kamsolwa sibambisene kakhulu nawo,” kusho uyise omcane kamufi.