Isolezwe

‘Ngisazohla­la kwiGolden Arrows’

- NDUDUZO DLADLA

IPHINI lomqeqeshi kwiLamontv­ille Golden Arrows, uMandla Ncikazi, lithi amaphaphu phansi kubalandel­i beqembu lisajabule kuBafana Bes’thende nakuba iya ngokuqina imibiko ethi umngani walo omkhulu uSteve “Mphathi” Komphela uyaleshela ukuba baphinde basebenzis­ane lapho ezoqashwa khona.

Laba baqeqeshi basebenze kahle kwiMaritzb­urg United befaka iTeam Of Choice kwiTop 8 ngesizini ka-2014/2015. UKomphela ushiye sekukubi kwiKaizer Chiefs ngesizini ephelile ngesikhath­i ezakhe zithelwa othulini iFree State Stars ngo 2-0 emdlalweni owandulela owamanqamu kwiNedbank Cup, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngo-Ephreli nonyaka.

“Kuliqiniso elingephik­we ukuthi kunobhutsh­uzwayo kungenzeka noma yini. Kulukhuni satshe ukuphendul­a ukuthi ungasebenz­a nobani noma ngeke usebenze nobani ngoba ikusasa kalaziwa. Nokho ngiyafisa ukukuveza ukuthi ngijabule kwi-Arrows. Usihlalo we-Arrows (esho uMato Madlala) ungiphethe kahle kakhulu angikhali ngalutho,” kusho uNcikazi oveze ukuthi bamatasa kulezi zinsuku ngokuhlola abadlali be-Arrows abayibamba kwiMultiCh­oice Diski Challenge (MDC).

Isolezwe lithole ukuthi uKomphela ufunwa amaqembu amaningi okubalwa kuwona amabili aphesheya kwezilwand­le, “nenqwaba” yamaqembu ayibamba kwiAbsa Premiershi­p okukhona kuwona nelilodwa eGauteng.

Ngesikhath­i uNcikazi ebuzwa ukuthi ugcine nini ukukhuluma nomngani wakhe uKomphela uvele wafa yinsini.

“Sisuka kude naye. Sixoxa njalo kwazise siyezwana. Angicabang­i futhi ukuthi ukuxoxa naye kusho ukuthi uyangeshel­a ukuba siphinde sisebenze naye,” kusho uNcikazi.

“Ebholeni akufanele ube ngumantunt­anendishi futhi akufanele ushintshe isidingo singekho. Uma ushintsha idolobha uyosebenze­la kwelinye ziningi izinto okufanele uzibukisis­e okubandaka­nya nomndeni. Enye ingozi ekhona eyokubuka utshani buluhlaza uma usekude kuthi ungasondel­a eduze bese uyabona ukuthi cha abuluhlaza bungomunye umbala obungawuli­ndele,”

Lo mqeqeshi oke wacija iMaritzbur­g uveze ukuthi i-Arrows isemakethe ithungatha umgadli ongalibhek­i ipali.

“Inkinga yamagoli inkinga wonke amaqembu kwi-Absa Premiershi­p abhekene nayo. Nathi-ke sinenkinga efanayo kungakho sithungath­a umgadli ongalibhek­i ipali. Asimbhekil­e kuphela kuleli kodwa nasemazwen­i ase-Afrika sifake iso. Nokho asifuni ukudlalelw­a ama-video bese sisayinisa umuntu. Sifuna ukumbona esenathi ukuthi udlala kanjani ngoba inkinga ebhekana kakhulu nabagadli bangaphand­le ukuthi bathatha isikhathi ukujwayela isitayela sakuleli,” kusho uNcikazi.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMANDLA Ncikazi oyiphini lomqeqeshi kwiLamontv­ille Golden Arrows uthe usazohlala eqenjini ngoba akafuni ukugcogcom­a
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMANDLA Ncikazi oyiphini lomqeqeshi kwiLamontv­ille Golden Arrows uthe usazohlala eqenjini ngoba akafuni ukugcogcom­a
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa