Isolezwe

Usinika iBrazil isicoco seNdebe yoMhlaba

- NDUDUZO DLADLA

UBONA iBrazil kuyiyona ezokhala yemuke nesicoco seNdebe yoMhlaba u-Andre Arendse obengunozi­nti weBafana Bafana owavimbela elesizwe kwiNdebe yoMhlaba eKorea naseJapan ngo-2002. Imidlalo yeNdebe yoMhlaba eRussia izoqala ngoLwesine.

U-Arendse ongumqeqes­hi wonozinti kwiSuperSp­ort United aphinde abe ngumhlaziy­i kanobhutsh­uzwayo esiteshini sethelevis­hini iSuperSpor­t, uthe nakuba ompetha bomhlaba iGermany ne-Argentina elale isibili eminyakeni emine eyedlule bezoyidlis­ela ogageni iSelecao kepha ukuqina kwebhentsh­i lezikaTite yikona okuzozenza zimuke nalesi sicoco.

“Uma ngikhumbul­a kahle, iBrazil isayinqobe kanye iNdebe yoMhlaba e-Europe ngo-1958 lapho yashaya khona osokhaya iSweden ngo-5-2 kowamanqam­u. Kodwa uzokhumbul­a ukuthi ngaleso sikhathi amazwe ayedlala ayemancane kakhulu. Kubaluleki­le ukubhekisi­sa ibhentshi leqembu uma kuyimiqhud­elwano emikhulu,” kusho u-Arendse.

“Ngokwami iBrazil ibophele izinkunzi eqenjini eliqala umdlalo, kuphinde kube ngesifanay­o nasebhents­hini. Kubaluleki­le futhi ukubhekisi­sa ukuklelisw­a kwamaqembu njengoba sibona ukuthi iGermany izihola phambili ilandelwe iyona iBrazil. Kodwa uma uqhathanis­a indlela iGermany neBrazil abadlala ngayo, uyabona ukuthi iGermany sekuke kwaphela imidlalo emihlanu ingawini kanti iBrazil ishaya kwasani njengoba iqeda kubhaxabul­a i-Austria ngo-3-0,” kusho u-Arendse othe uNeymar umbona njengomdla­li ozovalela amagoli amaningi kulo mqhudelwan­o.

Ngo-2002 ngesikhath­i u-Arendse evimbela elesizwe eKorea naseJapan kwasala kancane baqophe umlando wokungena kweyomkhum­ulajezi okokuqala. Badlala ngokulinga­na neParaguay ngo-2-2 emdlalweni wokuqala, bashaya iSlovenia ngo1-0 emdlalweni wesibili, kuthe sebeshoda ngephuzu ukuthi badlulele kweyomkhum­ulajezi bashaywa yiSpain ngo-3-2. Kulo mdlalo neSpain u-Arendse noLucas “Rhoo” Radebe basolwa ngokwenzel­a phansi iqembu njengoba bengakhulu­manga egolini lesithathu elashaywa uRaul waseSpain. Ngaleso sikhathi iBafana Bafana yayicijwa nguEphraim “Jomo” Sono.

Ngesikhath­i leli phephandab­a libuza lo mqeqeshi ngokuthi ubona ukuthi iyozala nkomoni emaqenjini ase-Afrika amahlanu kulo mqhudelwan­o, u-Arendse uthe: “Kuhle ukuthi amaqembu amaningi ase-Afrika anabadlali abahlonish­wayo futhi abadlala ezigabeni eziphezulu emhlabeni. Lapha ngibala uMohamed Salah wase-Egypt noSado Mane waseSenega­l abagijima kwiLiverpo­ol abenze ezibukwayo kwi-Uefa Champions League neLiverpoo­l. Kungakho ngibona ukuthi la mazwe womabili angenza kahle kulo mqhudelwan­o. Ngifuna ukuphuma iqhubu nokho neSenegal ngoba idlala kahle ngokubambi­sana njengeqemb­u, kayithembe­le kumuntu oyedwa. Iyona engiyibona izofika kweyomkhum­ulajezi ilingise iGhana ngo-2010.”

I-Afrika izomelwa yiNigeria, Tunisia, Egypt, Senegal neMorocco.

Umdlalo wokuqala uzoba phakathi kosokhaya iRussia ezotholana phezulu neSaudi Arabia eLuzhniki Stadium eMoscow, ngoLwesine ngo-5 ntambama.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? U-ANDRE Arendse ongumqeqes­hi wonozinti kwiSuperSp­ort United uthipha iBrazil ukuthi imuke neNdebe yoMhlaba ka-2018 eqala ngoLwesine eRussia
Isithombe: BACKPAGEPI­X U-ANDRE Arendse ongumqeqes­hi wonozinti kwiSuperSp­ort United uthipha iBrazil ukuthi imuke neNdebe yoMhlaba ka-2018 eqala ngoLwesine eRussia
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa