‘Wangidonsa ngendlebe uSenzo’
UFISA ukulandela iseluleko sikaSenzo Meyiwa owayevimbela i-Orlando Pirates, unozinti uBrilliant Khuzwayo omenyezelwe njengomdlali omusha weBucs izolo.
Abanye abadlali abamenyezelwe noKhuzwayo uVincent Pule, Ben Motshwari, Meshack Maphangule, Asavela Mbekile, Linda Mntambo, Abel Mabaso, Paseka Mako noKudakwashe Mahachi.
Esitatimendeni iPirates ithe iqinisa iqembu ukuze ilungiselele iCAF Champions League eqala ngoNovemba.
UKhuzwayo akakufihli ukuthi uyazifela ngalowo obengunozinti wePirates, uMeyiwa, owabulawa ekubokaKelly Khumalo eVosloorus, eGoli ngo-2014. Empeleni uKhuzwayo uthe akasoze akhohlwa amazwi ashiwo uMeyiwa kuyena ngesikhathi emyala.
“Ngiyohlezi ngimhlonipha uSenzo ngoba wangidonsa ngendlebe wathi angibohlonipha umsebenzi ngiziphathe kahle. UMeyiwa ngimazi kudala elokishini eMlaza njengoba wayevimbela iqembu okwakuthiwa iLondon Cosmos. Ube eseya kwiPirates kwinkulisa yayo nalapho abekezele khona iminyaka engalitholi ijezi.
Elokishini eMlaza wasigqugquzela uSenzo ukuthi singaphumelela noma ngabe siphuma ezimeni zempilo ezinzima kangakanani. Akekho ongazi ukuthi izidakamizwa nobugebengu bungakanani, kepha uSenzo wakwenza kwenzeka futhi waphumelela. Ngingasho ngithi ngibukela kuyena ngoba ungifundise ukubekezela kwiChiefs njengoba sengize ngahamba kuyona kungekho okubi okubikwe ngami,” kuqhuba uKhuzwayo oqale wadonsa umoya waphefumulela phezulu ngaphambi kokukhuluma ngoMeyiwa.
Lo nozinti odabuka eMlaza kwa-P, uveze ukuthi usengabuyela noma yinini kwiKaizer Chiefs ngoba ushiye iphunga elihle kubaphathi baleli qembu laseNaturena.
Engxoxweni ekhethekile leli phephandaba elibe nayo nalo nozinti, uveze ukuthi uMotaung umtshele ukuthi uma kungalungi ngaphandle akobuyela ekhaya.
“Usihlalo weChiefs uMotaung uchazeke kakhulu ngokuziphatha kwami eqenjini. Ungitshele ukuthi uma kungahambi kahle ngaphandle angobuya noma yinini kwiChiefs ngoba alikho icala engake ngalenza noma ngafika ngiphuze utshwala nokunye okungekuhle,” kusho uKhuzwayo oveze ukuthi usebuyele eGoli uyaziqeqesha ngayedwana.
Leli phephandaba limbuze ngemibiko emyamanisa nePirates ngaphambi kokuthi iqembu limemezele abadlali balo abasha izolo.
“Mina ngiziphumulele futhi angizihluphi ngokufuna iqembu. Kuphela nje lapho ngingathi ngisaxakeke khona ukuthi angizazi ukuthi ngizoyaphi,” kusho uKhuzwayo obefa yinsini uzwa ukuthi kukhona into ayifihlayo.
Ebuzwa ukuthi angakujabulela yini ukuthatha ijezi kwiPirates ngenhloso yokubungaza iqhawe lakhe uMeyiwa, utshele intatheli ukuthi akazowuphendula lowo mbuzo, eqhubeka nokufa yinsini.
Ngesonto elizayo amaqembu amaningi e-Absa Premiership azobuyela emsebenzini ngemuva kwekhefu elifushane. UKhuzwayo uzojoyina iPirates okokuqala ejimini nabanye abadlali abasha ngesonto elizayo.
Ngasohlangothini lweChiefs kulindeleke ukuthi yethule umqeqeshi wayo omusha lingakapheli isonto. Leli qembu laseNaturena kulindelwe ukuthi licacise ngabadlali elizobachitha njengoba kuqala isizini entsha.