Isolezwe

‘IKingsmead ibizoba yirekhodi kimina’

- LUNGILE MAJOKA

UMPETHA weComrares Marathon uBongmusa Mthembu uthi ubelibheki­le irekhodi elisha uma kwehliwa ukube bekusaqedw­a eKingsmead Cricket Stadium.

Nokho kulo nyaka umjaho welulwe cishe ngamamitha awu-900 waphelela eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UMthembu obengakhom­bisi izimpawu zokukhatha­la ngesikhath­i ebheke ukuyogqash­ula intambo eMabhida, udlule eKingdsmea­d ngo-5:16, wagcina enqobe ngo5:26:34 osekuyirek­hodi elisha laleli banga elingu-90.184km.

Irekhodi elikhona lokwehla u-5:18:19 elabekwa uDavid Gatebe ngo-2016.

Ebuzwa ukuthi ucabanga ukuthi ubengaliph­ula irekhodi uma bekukade kuqedwa eKingsmead, uthe: “Yebo.”

Ngenxa yokuthi umjaho ubushesha ngokubona kwakhe uyakholwa wukuthi bekungenze­ka lokho futhi kusengenze­ka eminyakeni ezayo.

“Ngeke wazi, kusengenze­ka ngoba kwesinye isikhathi nalo liyakugqug­quzela uzitshele ukuthi ungakwenza. Ziningi izinto ezingenzek­a ngoba nesimo sezulu naso sinomthele­la. Nanamuhla (ngeSonto) mhlawumbe belingasha­yeka ukube akubanga nokudonsa izinyawo. Ukube uJoseph (Mphuthi) akakwenzan­ga lokhu akushilo. Mhlawumbe ngokuzayo ozakwethu bangalisha­ya ikakhuluka­zi laba abagijima amabanga amafushane abazobe beyibambe kwiComrade­s eminyakeni ezayo.”

UMphuthi, oke wamiswa iminyaka emibili engagijimi ngenxa yokulahlwa icala lokusebenz­isa isikhuthaz­i, uphume endaweni yesibili.

Ekhuluma nabezindab­a uthe ngesikhath­i ebona ukuthi ijubane liphezulu emjahweni ukhethe ukuhosha izinyawo.

“Ngesikhath­i ozakwethu sebeqala benyusa ijubane okuyinto ebengiyili­ndele ngizitshel­ile ukuthi ngeke ngincintis­ane nabo kodwa ngizobalan­dela ngemuva. Ngithe ngibona bese siyisithup­ha esisele (phambili),” kusho uMphuthi ogijimela iSibanye Gold Kloof Athletics Club.

Uthe imjabulisi­le indawo yesibili kwazise akekho obembhekil­e. UMthembu ukuvezile ukuthi indlela umjaho obushesha ngayo ukuthathe njengenhla­nhla ukuthi ngesikhath­i eqala ephuma esixukwini akekho kubagijimi ozame ukumelana naye. Ngokweziba­lo zabeComrad­es zeTop 10 yabesilisa, uMthembu nguyena oqede umjaho ngesivinin­i esiphezulu kumakhilom­itha okugcina.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa