Isolezwe

‘Siyobe sibonga abasesekay­o ngokungena kweyoMhlab­a’

- LUNGILE MAJOKA

UMQEQESHI weqembu lesizwe lebhola, uDesiree Ellis, uthi ukungena kwiNdebe yoMhlaba kuzoba yindlela yokubonga kubona bonke ababasekil­e ebholeni labesifaza­ne.

U-Ellis ubekhuluma ngemuva kokuthi iBanyana Banyana izibekisel­e indawo kwi-African Women Nations Cup ezoba seGhana ngoNovemba.

IBanyana ikwenze lokhu ngokubhaxa­bula iLesotho emdlalweni womlenze wesibili wokuhlunga. Inqobe ngo 6-0 eBloemfont­ein ngempelaso­nto. Yayinqobe ngo 1-0 ekuhambeni.

“Ayibuzwa leyo (ukuzibekis­ela indawo kweyoMhlab­a). ISasol isanda kusivusele­la inkontilek­a. Uma sizibekise­la indawo sizobe sibonga kubona, kwiSafa nakubaland­eli ngokusesek­a. Sizobe singazenze­li thina kuphela kodwa sizobe senzela nalaba abebephamb­i kwethu. Nginethemb­a elikhulu lokuthi sizoqhubek­a nokubenza baziqhenye ngathi,” kusho u-Ellis obekhuluma kwiSafa.net.

IBanyana isidlale kabili emidlalwen­i yama-Olympic kodwa ayikaze iye kwiNdebe yoMhlaba. UVera Pauw, obengumqeq­eshi ngaphambi kuka-Ellis, wahluleka wukuyisa iqembu eCanada ngo-2015 okwakungem­inye yemibandel­a yakhe. Wonke amehlo namathemba asebekwe ku-Ellis nabadlali bakhe ekutheni bazibekise­le indawo emqhudelwa­neni oseFrance ngonyaka ozayo. Ukuze bazuze lokhu kuzomele okungenani baqede endaweni yesithathu kwi-Afcon. I-Afrika izomelwa amazwe amathathu.

IBanyana iye emdlalweni wangempela­sonto u-Ellis engaphathe­kile kahle ngokugqoza kwamagoli. Kodwa amagoli kaJermaine Seoposenwe noChantell­e Esau abashaye amabili ngokwehluk­ana, elikaHilda Magaia noLeandra Smeda, amshiye enokuzethe­mba ngekusasa leqembu.

“Sibe nomdlalo omuhle kakhulu. Sibajabuli­sile abalandeli abebephume ngobuningi babo. Siyithimba labaqeqesh­i siyaziqhen­ya kakhulu ngalesi sikwati. Namhlanje (ngeSonto) sizikhombi­sile ukuthi yini esikwazi ukuyenza yize sazi sisengenza okungaphez­ulu. Uma sesiya kwi-Afcon kuzomele silenyuse izinga ngoba sizobe sesibheken­e nabanye abasezinge­ni elingcono.” IBanyana ibidlala ngaphandle kwabadlali abapheshey­a okukhona kubona ukaputeni uJanine van Wyk, Linda Motlhalo noThembi Kgatlana.

 ??  ??
 ??  ?? DESIREE ELLIS
DESIREE ELLIS

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa