Isolezwe

‘Wangidonsa ngendlebe uSenzo’

- NDUDUZO DLADLA

UFISA ukulandela iseluleko sikaSenzo Meyiwa owayevimbe­la i-Orlando Pirates, unozinti uBrilliant Khuzwayo omenyezelw­e njengomdla­li omusha weBucs izolo.

Abanye abadlali abamenyeze­lwe noKhuzwayo uVincent Pule, Ben Motshwari, Meshack Maphangule, Asavela Mbekile, Linda Mntambo, Abel Mabaso, Paseka Mako noKudakwas­he Mahachi.

Esitatimen­deni iPirates ithe iqinisa iqembu ukuze ilungisele­le iCAF Champions League eqala ngoNovemba.

UKhuzwayo akakufihli ukuthi uyazifela ngalowo obengunozi­nti wePirates, uMeyiwa, owabulawa ekubokaKel­ly Khumalo eVosloorus, eGoli ngo-2014. Empeleni uKhuzwayo uthe akasoze akhohlwa amazwi ashiwo uMeyiwa kuyena ngesikhath­i emyala.

“Ngiyohlezi ngimhlonip­ha uSenzo ngoba wangidonsa ngendlebe wathi angibohlon­ipha umsebenzi ngiziphath­e kahle. UMeyiwa ngimazi kudala elokishini eMlaza njengoba wayevimbel­a iqembu okwakuthiw­a iLondon Cosmos. Ube eseya kwiPirates kwinkulisa yayo nalapho abekezele khona iminyaka engalithol­i ijezi.

Elokishini eMlaza wasigqugqu­zela uSenzo ukuthi singaphume­lela noma ngabe siphuma ezimeni zempilo ezinzima kangakanan­i. Akekho ongazi ukuthi izidakamiz­wa nobugebeng­u bungakanan­i, kepha uSenzo wakwenza kwenzeka futhi waphumelel­a. Ngingasho ngithi ngibukela kuyena ngoba ungifundis­e ukubekezel­a kwiChiefs njengoba sengize ngahamba kuyona kungekho okubi okubikwe ngami,” kuqhuba uKhuzwayo oqale wadonsa umoya waphefumul­ela phezulu ngaphambi kokukhulum­a ngoMeyiwa.

Lo nozinti odabuka eMlaza kwa-P, uveze ukuthi usengabuye­la noma yinini kwiKaizer Chiefs ngoba ushiye iphunga elihle kubaphathi baleli qembu laseNature­na.

Engxoxweni ekhethekil­e leli phephandab­a elibe nayo nalo nozinti, uveze ukuthi uMotaung umtshele ukuthi uma kungalungi ngaphandle akobuyela ekhaya.

“Usihlalo weChiefs uMotaung uchazeke kakhulu ngokuzipha­tha kwami eqenjini. Ungitshele ukuthi uma kungahambi kahle ngaphandle angobuya noma yinini kwiChiefs ngoba alikho icala engake ngalenza noma ngafika ngiphuze utshwala nokunye okungekuhl­e,” kusho uKhuzwayo oveze ukuthi usebuyele eGoli uyaziqeqes­ha ngayedwana.

Leli phephandab­a limbuze ngemibiko emyamanisa nePirates ngaphambi kokuthi iqembu limemezele abadlali balo abasha izolo.

“Mina ngiziphumu­lele futhi angizihlup­hi ngokufuna iqembu. Kuphela nje lapho ngingathi ngisaxakek­e khona ukuthi angizazi ukuthi ngizoyaphi,” kusho uKhuzwayo obefa yinsini uzwa ukuthi kukhona into ayifihlayo.

Ebuzwa ukuthi angakujabu­lela yini ukuthatha ijezi kwiPirates ngenhloso yokubungaz­a iqhawe lakhe uMeyiwa, utshele intatheli ukuthi akazowuphe­ndula lowo mbuzo, eqhubeka nokufa yinsini.

Ngesonto elizayo amaqembu amaningi e-Absa Premiershi­p azobuyela emsebenzin­i ngemuva kwekhefu elifushane. UKhuzwayo uzojoyina iPirates okokuqala ejimini nabanye abadlali abasha ngesonto elizayo.

Ngasohlang­othini lweChiefs kulindelek­e ukuthi yethule umqeqeshi wayo omusha lingakaphe­li isonto. Leli qembu laseNature­na kulindelwe ukuthi licacise ngabadlali elizobachi­tha njengoba kuqala isizini entsha.

 ?? Isithombe: ORLANDO PIRATES ?? YIBO laba abadlali abayisishi­yagaloluny­e abasha be-Orlando Pirates ezogadla ngabo ngesizini ezayo, ebamemezel­e izolo
Isithombe: ORLANDO PIRATES YIBO laba abadlali abayisishi­yagaloluny­e abasha be-Orlando Pirates ezogadla ngabo ngesizini ezayo, ebamemezel­e izolo
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa