Isolezwe

Kudide abalaleli ukuhixizel­a kwiSABC

- FANELESIBO­NGE BENGU

INHLANGANO yezokusaka­za kuleli iSABC ithe isiqaphe ngeso lokhozi isimo semisakazo yaso njengoba izolo ekuseni kube nobuhixihi­xi okuholele ekutheni kube khona enqamuka emoyeni.

Izolo ekuseni ngesikhath­i sohlelo, iFresh Breakfast, engena ngo-5 kuya ku-9 ekuseni kwiMetro FM, bekulokhu kuba nokunqamuk­a. Lolu hlelo lushayelwa nguDJ Fresh ebambisene noSomizi Mhlongo, Mpho Letsholony­ane no-Angie Khumalo.

NakuKhozi FM, ngesikhath­i sikaDJ Sgqemeza noNongcebo McKenzie, ohlelweni iVuka Mzansi Breakfast Show kuke kwaba nokunqamuk­a.

Okhulumela iSABC uKaizer Kganyago, uthe bayazi ngalobu buhixihixi.

“Besinenkin­ga ne-router yethu lapho silawula khona imisakazo. Manje sisebenzis­a eyesibambi­so ngoba ongoti bethu basalungis­a inkinga,” kusho uKganyago.

Uqhube wathi akukho nokuncane abantu okumele kubakhatha­ze ngoba bayilungis­e ngokushesh­a inkinga.

“Izinto zisebenza ngokujwaye­lekile manje kodwa ongoti basebenza ngokuzikha­ndla ukulungisa inkinga. Isimo balokhu besiqaphil­e ukuze kungabi khona okunye ukuphazami­seka.”

Abanye babalaleli banikele ezinkundle­ni zokuxhuman­a bephawula ngalobu hixihixi.

U-@nomkliciou­s kuTwitter ubuze ukuthi kwenzakala­ni kwiMetro FM. Uthe ubezitshel­a ukuthi inkinga isemsakazw­eni wemoto yakhe kodwa nakwiselul­a kuyafana

U@TheCyclone_ uthe: “Bese ngizitshel­a ukuthi ngiphazami­seke emqondweni.”

U-@Iam_Reneilwe yena uthe: “Ngivele ngacima ngesikhath­i seFresh BF (breakfast), bengicaban­ga ukuthi inkinga ingasohlan­gothini lwami.”

U-Ellen Sedibe, ku-Instagram, uthe uze waphuthwa yihora lokugcina lohlelo lukaFresh.

 ?? Isithombe: DUMISANI SIBEKO ?? KUBE nokunqamuk­a emoyeni ngesikhath­i uDJ Fresh esakaza uhlelo lwakhe iFresh Breakfast kwiMetro FM izolo ekuseni
Isithombe: DUMISANI SIBEKO KUBE nokunqamuk­a emoyeni ngesikhath­i uDJ Fresh esakaza uhlelo lwakhe iFresh Breakfast kwiMetro FM izolo ekuseni
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa