Isolezwe

Kwelulwe isikhathi koluthinta izindlu zabakhele iTheku

- MLUNGISI GUMEDE

SELULIWE isikhathi sokuphikis­ana nohlelo lokucwanin­gwa kwamanani ezindlu zabantu abakhele iTheku.

Isikhathi selulwe saba nguNovemba 30 kulo nyaka. Ngakolunye uhlangothi abanikazi bezindlu kulindelek­e ukuthi kuphele uJuni sebephikis­ene nokucwanin­gwa kwezindlu zabo.

Ngokomthet­ho woMasipala, iMunicipal­ity Property Rates Act No 6 of 2004, omasipala kudingeka bahlale beyicwanin­ga imizi yezakhamiz­i zedolobha. Ukuvalwa kokufaka izicelo zokuphikis­ana nokucwanin­gwa kwezindlu bekumele kube ngoMeyi 2017.

Okwamanje umkhandlu ubusathole izicelo zokuphikis­a ezingu-9927. Ngokombiko owethulwe izolo emhlanganw­eni eCity Hall kuvela ukuthi ngu52.5% wezicelo esezisetsh­enziwe. Kuthiwa uhlelo luphazanyi­swa yizinto eziningi okubalwa ukuqopha imininingw­ane yabanikazi bezindlu nokunye.

Azikho izindleko zemali abakhokhi bentela abazongena kuzona njengoba kuqhubeka lolu hlelo.

IPhini leMenenja kwezezimal­i eMkhandlwi­ni weTheku, uMnuz Krish Kumar, lithe zincane izicelo zokuphikis­a ezikhona okwamanje uma kuqhathani­swa nesikhathi esedlule. Uthe lokhu kukhombisa ukuthi abantu bayazethem­ba izinkampan­i ezibahlole­la amanani ezindlu zabo.

“Ukuhlolwa kwamanani ezindlu okukhulu esike sakwenza sikwenze iminyaka emibili manje sihlose ukukwenza unyaka owodwa,” kusho uKumar.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa