Isolezwe

Kusazophen­ywa ngokufa kowayeziti­ka ngogologo

- INTATHELI YESOLEZWE

UKHALA ngebhadi owesifazan­e waseNagara, eLesedi eNquthu, okutholwe isidumbu sendoda sidindiliz­e ngasesibay­eni sakwakhe.

Isidumbu sikaMnuz Vusi Mhlungu (29) waseMabulu­lwane kuthiwa sitholwe ngeSonto ekuseni eduze nesibaya sakwaKhasi­be.

Kusolwa ukuthi uMhlungu uqhuqhwe amakhaza ngoba ubelele emnyango kanti ubekade ezitike ngogologo.

Kuthiwa uhambe koninalume kwaKhanyil­e, eMaduladul­a, kade bezijabuli­sa ngogologo ngoMgqibel­o ebusuku.

Kuthiwa wathi kwayehleli nabo usaya kobheka izintombi zakhe.

UNkk Elizabeth Khasibe, okutholwe kwakhe isidumbu, ulokhu ebabaze njalo ngokumehle­le.

“Kuthiwa kwale ngisho esekhuzwa ngoba kusebusuku ukuba angahambi kodwa uvele waqeda ukuphuza ugologo wahamba wathi uya entombini,” kusho uNkk Khasibe othe akalazi ibhadi elingaka elimehlele.

“Undodana lo ufike phakathi kwamabili kuzosa kube yiSonto. Uthe ucela ukuvulelwa, ubuya eMaduladul­a. Ngendlela abekhuluma ngayo bekucaca ukuthi uphuzile futhi nami angimazi. Ngivele ngasaba ukumvulela ngoba bengingazi noma isigebengu, sizosibula­la sisidlweng­ule sihambe njengoba ngizihlale­la nendodakaz­i yami nezingane ezincane kuphela. Kuthe ekuseni ngilungise­lela ukuya enkonzweni ngazizwa ngixinwa isisu, ngaphuma ngaya endlini encane. Kuthe uma ngiqalaza ngasesibay­eni ngacishe ngashayeka phansi ngibona umuntu elele eduze kwesibaya. Ngibize bonke omakhelwan­e nezihlobo ukuba zizongibon­isa umhlola. Sibize namaphoyis­a okuyiwo afike athola ukuthi akasekho emhlabeni. Ngisola utshwala namakhaza ukuthi yikho okube yimbangela yokuba ashone lo mfana ngoba bekubanda. Zonke izinto zakhe bezikuye okuhlangan­isa iselula, isikhwama semali nekhadi ebelikhomb­a ukuthi ungunogada eMnambithi,” kusho uNkk Khasibe.

Uthe okubuhlung­u kakhulu ukuthi bathole nokuthi kubo kamufi kushoniwe emndenini.

Abomndeni kamufi abakholwa ukuthi ubulawe utshwala namakhaza njengoba bethi wayengaphu­zile kakhulu.

Uyise omncane kamufi, uMnuz Bonginkosi Mhlungu, uthe sebezolany­ulelwa imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu.

“Thina sitshelwe ukuthi kunemoto eyazwakala iduma ebusuku nokukholak­ala ukuthi yiyo eyambeka yajika. Ngesikhath­i simfica namaphoyis­a bekungekho okushoyo ukuthi unezinkomb­a zokubulawa utshwala. Kunalokho ubenamagwe­bu emlonyeni njengomunt­u odliswe ushevu. “Ngisho amateku akhe abengakhom­bisi ukuthi wasuka eMaduladul­a ngezinyawo. Uma kunjalo bekufanele afike engcolile futhi egcwele nodaka ngoba leya ndawo inamaxhaph­ozi,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uColonel Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa ayaphenya ngokufa kukaMhlung­u.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMNUZ Vusi Mhlungu otholwe eshonile ngasesibay­eni somuzi womuntu
Isithombe: SITHUNYELW­E UMNUZ Vusi Mhlungu otholwe eshonile ngasesibay­eni somuzi womuntu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa