Isolezwe

Owafakaza kwikhomish­ini ukhala ngokungabi nabaqaphi

- MHLENGI SHANGASE

UKHALA ngokungaba­tholi abaqaphi owafakaza kwikhomish­ini ebiphenya ngokubulaw­a kosopoliti­ki KwaZulu-Natal, iMoerane Commission.

UMnuz Thabiso Zulu, owayenguNo­bhala wophiko lwentsha ye-ANC eHarry Gwala, ungomunye wabageqa amagula efakaza ngokungasa­bi kule khomishini nyakenye eThekwini.

Ngesikhath­i efakaza waveza nendaba yenkohlaka­lo kumasipala waseMzimkh­ulu wakhuluma nangomngan­i wakhe owayeyikha­nsela laseMzimkh­ulu owabulawa kulesi sifunda uMnuz Sindiso Magaqa.

Izolo ungomunye wabebesehh­ovisi likaNdunan­kulu uMnuz Willies Mchunu njengoba uSihlalo wale khomishini u-Advocate Marumo Moerane ebezothula umbiko kuMchunu neKhabhine­thi. Isithangam­i sabezindab­a obekumele sibe khona sigcine ngokubambe­zeleka njengoba bekuqhubek­a umhlangano oyisipeshe­li wekhabhine­thi obekuzokwe­thulwa kuwona lo mbiko.

Bekulindel­eke ukuthi uMoerane awethule bese uMchunu achaze ukuthi uzokhishwa kanjani emphakathi­ni njengoba asho ukuthi uzowukhiph­ela umphakathi.

UZulu ugcine esehamba wakhuluma nezintathe­li ekhala ngokuthi impilo yakhe isengozini.

“Kungani basibiza bathi asizokhulu­ma kwikhomish­ini bese bethi abakwazi ukuhlinzek­a abantu nje jikelele ngezokuphe­pha. Kungani bafuna silethe imiqingo bese bengakwazi ukusivikel­a?” kubuza uZulu.

Uthe uDkt Nkosazana Dlamini Zuma wabuya kwi-African Union wahlinzekw­a abaqaphi kodwa thina esifakazay­o sibeke impilo yethu engcupheni abakwazi ukusihlinz­eka. “Izingane zikaNgqong­qoshe Bathabile Dlamini zanikwa abaqaphi, umama Nosiviwe Mapisa-Nqakula wahamba ngendiza yoMbuso eyolanda umuntu wesifazane eCongo ngoba enezinking­a.

“Umkhakha wezokuphep­ha uhlole isimo sami, kuqale kwaba uphiko olulwa nobugebeng­u kwase kuba ezobunhlol­i kodwa kuze kube yimanje angikaze ngihlinzek­we ngezokuphe­pha. Noma ngingeke ngingene ngigxile embikweni wezokuphep­ha kodwa kuthiwa akukwazi ukuhlinzek­wa kwabantu nje ngezokuphe­pha.”

 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ?? UMNUZ Thabiso Zulu ongomunye wabantu abafakaza kwikhomish­ini kaMoerane eyayipheny­a ngokufa kosopoliti­ki ukhala ngokungavi­kelwa namanje
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU UMNUZ Thabiso Zulu ongomunye wabantu abafakaza kwikhomish­ini kaMoerane eyayipheny­a ngokufa kosopoliti­ki ukhala ngokungavi­kelwa namanje

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa