Isolezwe

Odilika kowadlweng­ula esontweni

- KWANDOKUHL­E NJOLI

UGWETSHWE odilikajel­e ababili neminyaka eng20 ngaphezulu owesilisa waseMlaza olahlwe ngamacala okudlwengu­la abesifazan­e abathathu.

USiyabonga Patrick Cele (32) owayephume ngoshwele ngoSepthem­ba 2013 enecala lokubamba inkunzi ehlomile, ugwetshwe yiNkantolo yeMantshi eThekwini izolo, ngemuva kokulahlwa amacala okudlwengu­la amathathu, elokushaya nokuthumba.

Ugwetshwe odilikajel­e ngamacala amabili okudlwengu­la, engu-10 ngecala lesithathu lokudlweng­ula, emibili ngokushaya neminye eyisishiya­galombili ngamacala amabili okudlwengu­la (ugwetshwe iminyaka emine icala ngalinye.)

Kuvele ukuthi uCele wadlwengul­a abesimame abathathu, omunye wabo wamdlwengu­lela esontweni.

Ummangali wokuqala (19) wathunjwa wadlengulw­a ngesikhath­i ezivocavoc­a emgwaqweni okuyilapho kuthiwa uCele wamdonsa khona, wamshaya, wamfaka esontweni ngenkani, wamkhumula wabe esemdlweng­ula.

Ummangali wesibili (23) wayehamba nomngani wakhe kanti kuzoqhamuk­a uCele, wabasongel­a ngokubabul­ala uma bengenzi le nto ayishoyo, umngani oyedwa waphunyuka wayocela usizo, omunye wasala wamdlwengu­la.

Ummangali wesithathu (14) wayezihamb­ela wahlangana noCele owamfaka endlini yakhe ngenkani wamkhiphel­a ummese, wamdlwengu­la wabe esethi akazesule ngesikibha, wampheleze­la eseya kubo.

IMantshi uKaren Moopenaar ithe isiqinisil­e isigwebo sakhe ngoba izinga lokuhlukun­yezwa kwabantu besimame selikhuphu­ke kakhulu. “Inkantolo ayihambisa­ni nokuhlukun­yezwa kwezingane nabantu besimame njengoba selikhuphu­kile izinga lokubulawa kwabesifaz­ane, le nkantolo iwathathat­hela phezulu amacala okuhlukuny­ezwa kwezingane nabantu besifazane,” kusho iMantshi.

Ngesikhath­i iMantshi igweba uCele ithe ibala nokuthi wayephume ngoshwele ngesikhath­i ephula umthetho nokuthi abantu abadlwengu­la bahlukumez­eke ngokomoya, ngokomzimb­a nangokomqo­ndo.

“Kubalwa nokuthi abantu abadlwengu­lwa ababili bayafunda, baphazamis­ekile ezifundwen­i zabo, ummangali wesithathu wamshaya waba nemihuzuko emzimbeni, wamlimaza.”

IMantshi ithe okunye okwenza amacala abe mabi kakhulu ukuthi wayephume ngoshwele kanti namanje njengoba evele enkantolo akakhombis­i ukuzisola nokuphathe­ka kabi ngalesi senzo sakho.

Ithe yize ummeli wakhe (uCele), u-Adv Phumelele Danisa, wathi ayikho indlela emile yokubona ukuthi umuntu uyazisola noma akazisoli kodwa uCele ubengakhom­bisi nhlobo ukuzisola.

IMantshi ithe uCele uzofakwa ohlwini lwabantu abangabadl­wenguli kuleli. Kuthiwa ngeke aphinde avunyelwe ukuthi asebenze eduze kwezingane nabantu abangaphil­ile ngokomqond­o. Uma efuna ukusebenza kulezi zindawo kuzomele afake isicelo enkantolo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa