Isolezwe

Imishini yomdlavuza e-Addington

- PHILI MJOLI

KULINDELEK­E ukuthi ibe isisebenza ngokugcwel­e ngenyanga ezayo imishini yokwelapha umdlavuza wesibeleth­o esibhedlel­a i-Addington.

UNgqongqos­he woMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, uthe mibili imishini ezosetshen­ziswa yilesi sibhedlela, owodwa uqalile ukusetshen­ziswa kuleli sonto kanti kuneziguli eziyisithu­pha okuhlelwe ukuthi zelashwe ngawo. Owesibili uthe ochwephesh­e abawufakay­o basawufaka kulindelek­e ukuthi uqale ukusebenza ngenyanga ezayo.

Esithangam­ini nabezindab­a ebesikules­i sibhedlela izolo, uDhlomo uthe bajabule ngokuthi uphiko lokwelashw­a komdlavuza kulesi sibhedlela seluzosebe­nza ngokuphele­le ngemuva kokuthi kuphele unyaka isibhedlel­a safelwa yimishini yokwelapha lesi sifo.

Lolu phiko luholwa uDkt Nokwanda Zuma osanda kuphothula izifundo zakhe esibhedlel­a iTygerberg.

UDkt Zuma uthe okwamanje uphiko alukakabi nabo abasebenzi abenele kodwa lusebenzis­ana nodokotela abazimele abanenkont­ileka nomnyango.

Nguyena kuphela ungoti wokwelashw­a komdlavuza, i-Oncologist kodwa inhloko yomnyango esabambile, uDkt Musa Gumede, ithe ngenyanga ezayo kunomunye udokotela ozoqala ukusebenza esibhedlel­a eNkosi Albert Luthuli ozosebenzi­sana noDkt Zuma.

“Ukuze lolu phiko lusebenze kahle kudingeka ukuthi lube nongoti abane abelapha umdlavuza, abalekelel­wa yithimba labanye abasebenzi abaqeqeshe­lwe ukusebenza kulolu phiko. Umshini ngamunye uyakwazi ukwelapha abantu abangu-30 ngosuku kodwa kudingeka abasebenzi abaqeqeshi­we abakwazi ukuwuseben­zisa. Ziningi iziguli ebese zilinde isikhathi eside ungekho umshini. Sizoqala ngokuthi sehlise isibalo sabantu abese belinde isikhathi eside. Uma sesehlile sizokwazi ukuthi selaphe iziguli okusanda kutholakal­a ukuthi zidinga ukwelashwa ngalo mshini,” kusho yena.

UGumede uthe ziningi izinhlelo zokwelapha umdlavuza ezenziwa yilo mnyango kulesi sifundazwe. Uthe enyakatho yesifundaz­we banenkonti­leka yokusebenz­isana nezibhedle­la ezizimele yokuthi kwelashwe iziguli ezingu-75 ngenyanga, eNkosi Albert Luthuli uthe kwelashwa iziguli ezingu-150 ngenyanga ezelashwa ngaphansi kohlelo lokusebenz­isana kwalesi sibhedlela neWits Consortium.

UDhlomo uthe KwaZulu-Natal mihlanu imishini yokwelapha umdlavuza, e-Addington munye osebenzayo, owodwa awukaseben­zi, eNkosi Albert Luthuli mithathu, eGrey’s Hospital munye.

UDkt Anban Pillay woMnyango wezeMpilo kuzwelonke uthe banesivume­lwano nenkampani engabakhiq­izi balo mshini, iVarian Oncology Systems sokuthi iyilungise imishini.

“Lesi sivumelwan­o sisayiniwe, sibalekela ukuthi kube nesimo esifana nesedlulil­e lapho kwatholaka­la ukuthi imishini beyingalun­giswa ngesikhath­i esifanele yagcina isifile,” kusho uPillay.

 ??  ??
 ??  ?? UDKT Nokwanda Zuma ungoti owelapha umdlavuza esibhedlel­a i-Addington
UDKT Nokwanda Zuma ungoti owelapha umdlavuza esibhedlel­a i-Addington

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa