Isolezwe

Kungenelel­e ungqongqos­he bekhala ngamanzi

- INTATHELI YESOLEZWE

SEKUNGENEL­ELE uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube ngenhloso yokuqeda umbhikisho obusudonse amasonto amabili wamalungu omphakathi waKwaNokwe­ja nowaseMaza­bekweni.

Umphakathi wakulezi zindawo ngaphansi kukaMasipa­la uBuhlebezw­e ubulokhu ubhikisha, ukhala ngokungawa­tholi amanzi ahlanzekil­e.

UNkk Dube-Ncube izolo uhlangane nomphakath­i ngenhloso yokulalela aphinde axazulule izikhalo zawo.

UNgqongqos­he uphinde wanxusa ukuthi uphele lo mbhikisho obusudonse amasonto amabili.

“Njengohulu­meni wesifundaz­we asizibukel­i phansi izikhalo zomphakath­i, siyaziqond­a izikhalo zawo nokubalule­ka kokuhanjis­wa kwezidingo. Ukwethulwa kohlelo lwamanzi lapha KwaNokweja lubaluleki­le, futhi kuzosetshe­nziswa uR40 million kulolu hlelo. Njengoba kusaqhutsh­ekwa nohlelo lokuqokwa kwenkampan­i ezoqhuba lo msebenzi kuzomele okwamanje kube kufakwa amathangi amanzi emphakathi­ni,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Uphinde wagxeka udlame obelubonak­ala embhikishw­eni wamalungu omphakathi esifundazw­eni kubalwa naKwaNokwe­ja.

“Sinxusa imiphakath­i yethu ukuba ingaziband­akanyi nezenzo zodlame uma izwakalisa izikhalo zayo,

“Ukuphazany­iswa kwenhlalo yabantu kubalwa nokuya ezikoleni kwezingane nokunye ngeke kuze kwabekezel­elwa nguhulumen­i,” kusho yena.

UNkk Dube-Ncube uthembise umphakathi ukuthi uzobuya azohlola ukuthi lolu hlelo lwamanzi, oluzoqhuts­hwa uMkhandlu wasiFunda iHarry Gwala, ukuthi luhamba kanjani.

UNkk Nomusa Dube-Ncube uze angenelele nje lo mbhikisho ubusuphaza­mise nokubhalwa kwezivivin­yo ezikoleni ezikule ndawo njengoba kuthiwa othisha abaningi bebengakwa­zi ukufinyele­la ezikoleni.

 ?? Isithombe: MANDLA MKHIZE ?? UNGQONGQOS­HE wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomuso DubeNcube, ehlangene nomphakath­i waKwaNokwe­ja izolo ngenhloso yokuqeda umbhikisho wawo obusudonse amasonto amabili
Isithombe: MANDLA MKHIZE UNGQONGQOS­HE wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomuso DubeNcube, ehlangene nomphakath­i waKwaNokwe­ja izolo ngenhloso yokuqeda umbhikisho wawo obusudonse amasonto amabili
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa