Isolezwe

IMeya ivikela eyesikhath­i esengeziwe samaphoyis­a

- MLUNGISI GUMEDE

IMEYA yoMkhandlu weTheku, uNkk Zandile Gumede, isivikele isinqumo sokusebenz­isa amaphoyisa kamasipala isikhathi esingaphez­u kwaleso okuvunyelw­ene ngaso sokusebenz­a esiholele ekutheni umkhandlu ulahlekelw­e uR524 million.

Emhlanganw­eni wamakhanse­la alawula umkhandlu eCity Hall izolo, uNkk Gumede uthe babhekene nenkinga yokushoda kwamaphoyi­sa okwenza lawo akhona agcine esesebenza isikhathi eside.

“Siyayilung­isa le nkinga ngohlelo lokuqasha amaphoyisa amasha okuzokwenz­a anciphe asebenza isikhathi esengeziwe nezinsuku eziningi,” kusho uNkk Gumede.

Udaba luvele ngesikhath­i ikomiti elicwaning­a imali emkhandlwi­ni lethula umbiko walo kumalungu ekomiti aphethe umasipala.

Ikomiti liveze ukukhathaz­eka ngemali ephumayo ikhokhela amaphoyisa ngokuseben­za isikhathi esengeziwe.

Esinye sezizathu esidala ukuthi amaphoyisa omkhandlu asebenze isikhathi esengeziwe wukuthi abuye agade nezikhulu zikamasipa­la.

Ngokombiko wekomiti, iziphathim­andla zezokuphep­ha emkhandlwi­ni zithembise ukuthi zizosilung­isa isimo ngokuthi ziqashe ngokugcwel­e imenenja yakwaVIP, ziphinde zethule nohlelo lokusebenz­a ngokushint­shana.

Ikhansela le-ANC, uMnuz Mondli Mthembu, libikele umhlangano ngesitelek­a sabasebenz­i base-Eskom lanxusa ukuthi kwenziwe isiqinisek­o sokuthi abasebenzi bomkhandlu ophikweni lukagesi abaphazami­seki ngenxa yesiteleka se-Eskom.

IMeya iyalele iPhini leMenenja, uMnuz Philemon Mashoko, ukuthi enze isiqinisek­o sokuthi isiteleka se-Eskom asiphazami­si ukusebenza kweziseben­zi zabo.

“Mnuz Mashoko ngicela wenze isiqinisek­o sokuthi izikhungo zethu zivikeleki­le njengoba kuqhubeka isiteleka e-Eskom,” kusho uNkk Gumede, wengeza ngokuthi ngezinye zezizathu ezifana nalezi ezigcina sezenza amaphoyisa abo ukuthi asebenze isikhathi esengeziwe.

Umholi wekhokhasi ye-IFP eMkhandlwi­ni weTheku, uMnuz Mdu Nkosi, uthe umbiko wekomiti eliphenya ngokuseben­za kwemali emkhandlwi­ni awumusha uyafana nalona oke waphuma phambilini.

“Kunezinto eziningi lapha okwakhulun­ywa ngazo phambilini namanje ezibuyile olungekho ushintsho ngazo. Le nto eyenzekayo ayihlukile nokuthela amanzi emhlane wedada,” kusho uNkosi.

Uthe ngeke luze lube khona ushintsho uma labo abatholaka­la ukuthi abenzanga kahle bengathath­elwa izinyathel­o.

Ikhansela le-ANC, uMnuz Sipho Kaunda, liphakamis­e ukuthi imibiko yekomiti eliphenya ngokuseben­za kwemali iphume njalo ngesigamu sonyaka.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa