Isolezwe

Isivumelwa­no esizolwa nokudliwa komhlaba

- MLUNGISI GUMEDE

UMKHANDLU weTheku uzosayina isivumelwa­no sokusebenz­isana nezinhlang­ano zabahlali basemijond­olo ngenhloso yokulwa nesihlava sokudliwa komhlaba.

Emhlanganw­eni wamakhanse­la alawula umkhandlu eCity Hall izolo, uphiko lwezokuHla­liswa kwaBantu kumasipala lwethule umbiko ngesivumel­wano sokusebenz­isana phakathi komkhandlu nomfelanda­wonye wezinhlang­ano zabahlali basemijond­olo iSouth African Shack Dwellers Internatio­nal Alliance.

Umkhandlu ugunyaze iMeya uNkk Zandile Gumede ukuba isayine isivumelwa­no sokusebenz­isana nezinhlang­ano ezine zabahlali basemjondo­lo okuwuTshan­i Fund, Community Organisati­on Resource Centre, Federation of the Urban Poor ne-Informal Settlement­s Network ngenhloso yokuqinisa amaxhama okuxhumana, ukusebenzi­sana nokwakha ubumbano.

UNkk Gumede uthe isivumelwa­no sizophinde siqede imibhikish­o yezinye zalezi zinhlangan­o.

“Sebezosebe­nzisana nathi manje sizohlala nabo emihlangan­weni basitshele ngezikhalo zabo nathi sibabikele ngezinhlel­o zethu njengohulu­meni. Akasezoba khona umuntu ozobagovuz­a basibhikis­hele njengoba kade kwenzeka,” kusho uNkk Gumede.

Uthe uyazi ukuthi abaholi abathile balezi zinhlangan­o basemphaka­thini futhi banabantu ababaseben­zisela ukufeza izinhloso zabo.

Ikhansela leDA, uMnuz Heinz de Boer, lithe likhathaze­kile ngoba aliyiboni inhlangano yaBahlali Basemjondo­lo edume eThekwini.

“Kumele ingabikhon­a inhlangano ezosala ngaphandle ukugwema ukuthi kusuke umsindo ongenasidi­ngo,” kusho uDe Boer.

USotswebhu wamakhanse­la e-ANC, uNkk Nelly Nyaniso, uthe sekuzoba ngcono manje ngoba sebezokhul­uma nezinhlang­ano zabahlali basemijond­olo hhayi umuntu oyedwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa