Isolezwe

Uphucwe imoto okuthiwa eyokwebiwa

- INTATHELI YESOLEZWE

USOLA abazama ukulwa naye uSotswebhu we-ANC kuMasipala waseNquthu, okushaqwe imoto yakhe ngamaphoyi­sa ngoba kusolwa ukuthi ngeyokwebi­wa.

UMnuz Joe Motloung kusabalale amahlebezi okuthi uphucwe imoto iPajero ka-2010 ngempelaso­nto, waboshwa. Le moto kuthiwa kuvele ukuthi yebiwe eGoli. Izolo, uMotloung ubeyingxen­ye yamakhanse­la abethamele umhlangano woMkhandlu waseNquthu.

Ebuzwa, uthe uzwile ngalolu daba kodwa kungamanga ukuthi uboshiwe.

“Yebo amaphoyisa ayithathil­e imoto ayoyigcina esiteshini sawo esiseNquth­u. Nangesikha­thi eyithatha, awangifica­nga kuyo kodwa ibihamba abafana bami. Mina bengingazi nokuthi le moto eyokwebiwa ngoba ngayithath­a komunye umngani wami waseGoli ukuze abambise ngayo kwenye into angikwelet­a yona. Amaphoyisa ayithathe ngelokuthi asazopheny­a kodwa angikaze ngithunyel­elwe ngisho inombolo yecala noma yomphenyi. Ngisola ukuthi yonke le nto idalwe amanye amaqabane athumele amaphoyisa ngoba ezama ukulwa nami njengoba besilungis­elela ingqungqut­hela yesifundaz­we ebisoNgoye,” kusho uMotloung.

Uthe okunye ubona ukuthi nabe-IFP sebezama ukusebenzi­sa lolu daba ukuze balwe naye.

Uqhube wathi indaba yokuthi uboshiwe isatshalal­iswe ngempelaso­nto yengqungqu­thela.

Uthe uvele waxakeka ngoba ngosuku okuthiwe ugqunywe ngalo ejele, ubesoNgoye engqungqut­heleni.

Uveze ukuthi inkinga yokungezwa­ni kwabo esiFundeni iNkosi Bhambatha, idalwe ukuqala kohlelo lokukhetha labo abebezobam­ela kule ngqungquth­ela.

Isifunda iNkosi Bhambatha singezinye eziba nezigameko ezishaqisa­yo kuKhongolo­se njengoba ngo-2015 ngesikhath­i kwakulungi­selelwa ingqungqut­hela yokukhetha ubuholi, kwabulawa owayenguSo­mlomo, uMnuz Vusi Ntombela.

UNtombela wabulawa esesikolen­i ayefundisa kuso eLuvisi Primary.

Kulesi sigameko kwanukwa ukungezwan­i kwangaphak­athi.

Amaphoyisa athunyelel­we imibuzo kodwa kushaye isikhathi sokushicil­ela engakaphen­duli.

 ??  ??
 ??  ?? JOE MOTLOUNG
JOE MOTLOUNG
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa