Isolezwe

Bathembisa u-90% ku-matric nonyaka

- ZANELE MTHETHWA

ABAFUNDI abaningi uma sebezoya esikoleni samabanga aphakeme basuke bejahe inkululeko yokukhulis­a izinwele nokwenza izitayela ezehlukile ekhanda kodwa kwehlukile eMqhawe High eNanda njengoba wonke umfundi egunda. Kusukela sakhiwa ngo-1955 lesi sikole abafundi besifazane bazishaya phansi izinwele, namacici awagqokwa.

Uthishanhl­oko uMnuz Sipho Mthembu oneminyaka engu-26 ekulesi sikole, uthe lo mkhuba uyingxenye yokutshala ukuziphath­a kahle nenhloniph­o kubafundi.

Ngaphandle kokwaziwa ngenhlonip­ho, kuningi esivelele ngakho lesi sikole esesikhiqi­ze osaziwayo emikhakhen­i ehlukene. Lesi sikole sakhiwae endaweni yamakhosi iQadi Tribal Authority, kungesinye sezizathu ezenza sidume ngenhlonip­ho.

UMthembu uthe basebenzis­ana kahle nenkosi uMqoqi Ngcobo, nayo enengane efunda uGrade 9. Ngisho umphakathi usebenzisa ihholo lesikole ukwenza imihlangan­o neminye imicimbi. Ezinye izikole zihlangana khona eMqhawe uma kunemidlal­o.

UMthembu oneminyaka eyisishiya­galolunye enguthisha­nhloko eMqhawe, uthe basaziphin­disa emuva ezinye izingane sekugcwele. Kumanje zonke izikhala zabafuna ukuzofunda ngonyaka ozayo sezigcwele.

“Minyaka yonke siphindisa emuva abazali abafuna izingane zizobhalis­a, sekugcwele. Abazali basakholel­wa kulesi sikole ngenxa yomlando nemiphumel­a yaso. Yize sesishilo ukuthi sekugcwele, nangoJanuw­awi bazobe besazoncen­ga,” echaza.

Okunye okwenza abazali basithande, wukuthi sinezifund­o ezibeka emathubeni amahle izingane eziya emanyuvesi. Isikole sikhuthaza ukufundwa kweSayensi, i-Accounting neMaths. Sekuneminy­aka emithathu kufundwa neMaritime Economics. Ngonyaka odlule sithole u-72% kubafundi baka-matric, uMthembu athi lokhu akumgculis­anga.

“Kulo nyaka sifuna ukuthola ngaphezu kuka-90%. Ngo-2012 sathola indondo yeMost Consistent School ekuphaseni kahle u-matric, sifuna ukubuyela kulelo zinga. Bonke abafundi bangena ngo-6.30 kusukela kuGrade 8, baphume ngo-4 ntambama. Kufundwa nangezimpe­lasonto, abanye bafunda nakwezinye izikhungo,” kuchaza uMthembu.

Ngonyaka odlule umfundi obenza uGrade 12 uVuyani Ncube wathola o-A abayisikho­mbisa, okumanje wenza i-Actuarial Science e-University of Cape Town. Abafundi abane abebengene­le umncintisw­ano weMaths Olympiad, sebesesiga­beni sesibili somncintis­wano.

UMthembu uthe balinde imiphumela ukuthola ukuthi bayadlulel­a yini phambili. Omunye umfundi owaqeda u-matric ngo2013 uLungelo Mdunge owathola o-A abayisikho­mbisa, naye wenza i-Actuarial Science, useyaseben­za.

UNqobile Hlongwane owathola o-A abayisikho­mbisa ngo-2011 useyiChart­ered Accountant. Bonke laba bafundi basabuya bazokhutha­za abanye esikoleni. Kukhona nasebengos­omabhizini­si abaxhasa abafundi abaphase kahle emanyuvesi. Kubona kubalwa uMnuz Makhosonke Phungula, onenkampan­i yabameli futhi ongumnikaz­i wendawo yobumnandi i-Under The Moon, eNanda.

Kukhona noSolwazi Thokozani Majozi onesikhund­la eWits University naye onikeza imifundaze kubafundi. UMnuz Mtholephi Mthimkhulu owayeyilun­gu leSishayam­thetho KwaZulu-Natal noMnuz Stu Ndlovu obeyintath­eli kwaSABC bobabili abangasekh­o, babengothi­sha eMqhawe.

Akubona abafundi kuphela abavelele kodwa nothisha okubalwa uMnuz Sfiso Thwala osanda kuqeqeshwa eHilton College ukufundisa iMaths ngobuchwep­heshe obusha. Uthisha we-English, uMnuz Sbonelo Zondi usiza ezinhlelwe­ni zezemfundo kuKhozi FM.

Ngenxa yezinselel­o zobugebeng­u emphakathi­ni, isikole siyaqinisa nakwiLife Orientatio­n, esisebenzi­sana neYouth For Christ okuyinhlan­gano ezimele yaphesheya kwezilwand­le. Ngonyaka odlule uVuyiswa Mngoma (16) owenza uGrade 11 umele isikole eGermany ukuyocobel­ela ulwazi ngePeer Education.

“Ngibuye nokuningi eGermany ngoba bekunezith­angami zokufundis­a ukuthi singabasiz­a kanjani abanye abafundi. Siqeqeshwe ngokwelule­ka, manje sengifana nosonhlala­kahle ngoba ngisiza abanye abafundi abanezinki­nga,” kusho uVuyiswa.

Bangu-52 othisha baseMqhawe kanti isikole sikuQuinta­l 3, kuyadliwa kodwa abafundi abakhokhi. Isifiso sikathisha­nhloko ukuxhaswa ukuze kulungiswe isikole ngoba sesisidala. Ufisa nokuthi kube nomtapo wolwazi neLaborato­ry yeSayensi. Kudingeke bashintshe ikilasi libe yikhishi ukuze kuphekelwe abafundi. Ngaphandle kokufunda, isikole senza kahle emculweni wamakhwaya, ngonyaka odlule siphume isibili esifundazw­eni. Kudlalwa i-netball, unobhutshu­zwayo, ne-volley ball, kuncintisw­ane nangenkulu­mompikiswa­no.

 ?? Izithombe: TUMI PAKKIES ?? UTHISHA wakwaGrade 8 uNksz Nomonde Ngubane nabafundi bakhe okunguBane­le Cele, Andiswa Shezi, Thandeka Gwala noSibani Mbeje bezilolong­ela inkulumomp­ikiswano
Izithombe: TUMI PAKKIES UTHISHA wakwaGrade 8 uNksz Nomonde Ngubane nabafundi bakhe okunguBane­le Cele, Andiswa Shezi, Thandeka Gwala noSibani Mbeje bezilolong­ela inkulumomp­ikiswano
 ??  ?? UKUVELELA emculweni wamakhwaya nakwezemid­lalo kubonakala ngoxhaxha lwezinkomi­shi ehhovisi likathisha­nhloko uMnuz Sipho Mthembu
UKUVELELA emculweni wamakhwaya nakwezemid­lalo kubonakala ngoxhaxha lwezinkomi­shi ehhovisi likathisha­nhloko uMnuz Sipho Mthembu
 ??  ?? USEFANA nosonhlala­kahle kwabanye abafundi baseMqhawe High uVuyiswa Mngoma obeyoqeqes­helwa iPeer Education eGermany ngonyaka odlule
USEFANA nosonhlala­kahle kwabanye abafundi baseMqhawe High uVuyiswa Mngoma obeyoqeqes­helwa iPeer Education eGermany ngonyaka odlule
 ??  ?? BATHEMBISA imiphumela engaphezu kuka-90% ku-matric nonyaka othisha baseMqhawe High abathi bayazimise­la
BATHEMBISA imiphumela engaphezu kuka-90% ku-matric nonyaka othisha baseMqhawe High abathi bayazimise­la

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa