Isolezwe

Ayixazulul­we ngokushesh­a inkinga yamanzi

-

UKUTHOLA amanzi nendlela ehloniphek­ile yokuzikhul­ula ngamanye amalungelo abantu acaciswe kuMthethos­isekelo wezwe kuleli.

Zisekhona kodwa izindawo lapho abantu beyizwa ngendaba le ngqalasizi­nda.

Abanye babo yiziguli nabasebenz­i basemthola­mpilo oKwaSitheb­e, eMandeni.

Sibike ngodaba olushaqisa­yo oluthi selokhu wavulwa lo mtholampil­o ngo-2007 amanzi kawaphumi kompompi.

Kufika imoto kamasipala iwafake ethangini, okusho ukuthi iziguli nabasebenz­i kufanele bakhe amanzi ethangini njalo uma befuna ukuyozikhu­lula.

Abasebenzi balo mtholampil­o osebenza amahora angu-24, bayakhala ngalesi simo njengoba bethi ngale komsebenzi wokuyokha amanzi kubuye kushayise ngamahloni ukuyowakha ngoba kusuke sekucaca ukuthi uyozikhulu­la.

Kusishaqis­ile nokho ukuthi isikhungo esibalulek­e kangaka emphakathi­ni sibhekene nenkinga yompompi abangaphum­i amanzi isikhathi eside kangaka.

Okusimanga­ze kakhulu wukuthi nomasipala uyayazi le nkinga kodwa namanje ayikakaxaz­ululwa. Imenenja ebambile kumasipala iLembe, uMnuz Geoffrey Kumalo, ichaza ithe ukuzidonse­la ngokungemt­hetho amanzi komphakath­i yikho okwenza agcine engafinyel­eli ngendlela emtholampi­lo.

Siyakuqond­a ukuthi ukuzixhume­la amapayipi komphakath­i kulimaza ingqalasiz­inda kepha sesiside kakhulu isikhathi kusokola iziguli nabasebenz­i basemthola­mpilo.

Kungani ingaxazulu­lwa ngokushesh­a le ndaba ngokuthi umasipala ulungise ingqalasiz­inda yamanzi endaweni, akwazi ukutholwa wumphakath­i nomtholamp­ilo?

Iminyaka eyisikhomb­isa yisikhathi eside inkinga ingaxazulu­liwe kodwa umasipala wabelwa imali yokulungis­a ingqalasiz­inda.

Njengoba uKumalo ethe bahlela ukunqamula amapayipi afakwe ngokungemt­hetho, nalokho kuzoba yisisombul­ulo esizoqubul­a enye inkinga umphakathi usubhoka ukhala ngokuba nawo amanzi. Ngakho umasipala awuqhamuke nesisombul­ulo kulolu daba ukuze kunganyath­eleki ilungelo labantu lokuthola amanzi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa