Isiyinkathazo eyokungaqoqwa kukadoti
MHLELI: Ngithe angithathe usiba lwami ngibhale ngento esikhathaze kakhulu izakhamuzi ezakhele amalokishi azungeze iTheku. Le ndaba ingokuqoqwa kukadoti kula malokishi.
Kubukeka sengathi izikhulu zomkhandlu weTheku aziyigqizi qakala indaba yokuthuthwa kukadoti. Umphakathi uhlala nodoti kungabi ndabazalutho kuzona.
Bengicela nisitholele izimpendulo kwiMeya yeTheku, kwimenenja kamasipala asethimbeni lakwaDSW baphumele obala bachazele umphakathi nokuqhubeka kulo masipala mayelana nalolu daba.
Ngicela bakucacise lokhu emaphepheni nasemisakazweni ukuze izakhamuzi zilazi iqiniso lokuthi imali yazo eziyikhokhela ama-rates ishonaphi kanti uma sizoguliswa yimfucuza iziphathimandla zikhululekile zinethezekile sengathi akukho nkinga.
Ngicela bachaze nangokuthi kanti ngesikhathi beqeda izinkontileka ezazikhona babenaluphi uhlelo lokuqoqa udoti ngoba kubukeka sengathi abanalo uhlelo oluqondile lokuwuqoqa.
Kungani abasebenzi abaqoqa udoti kulama lokishi bengayitholi ngesikhathi imiholo yabo?