Isolezwe

Sixhashazw­a nguPsira thina esingonoga­da

-

Nontombi Makhanya MHLELI: Ngithi angizwakal­ise ukukhathaz­eka kwethu njengonoga­da. Thina njengabahl­ali baseNingiz­imu Afrika siboshwa nguPsira uma singabhali­sile ukuthi sifanele ukuba onogada kodwa sibona izinkampan­i zonogada eziningi ziqashe abokufika abangabhal­isile. Ababoshwa futhi nezinkampa­ni ezibaqashi­le aziboshwa.

Uma ungase uye emahhovisi akwaPsira eThekwini ungabona ukuthi olayini bangakanan­i abanye bazovusele­la abanye bayaqala futhi iningi labo alisebenzi. Mina ngaboshwa nginawo amaphepha angigunyaz­a ukuba ngibe unogada.

Izinkampan­i zisiholela imali encane kodwa uPsira akenzi lutho ngalokho ngoba ziyagwaza ko- inspector. Sengizame kaningi ukuxhumana nehhovisi lakwaPsira kodwa angiluthol­i usizo okukhombis­a khona ukuthi kumele sixhashazw­e sikhokhele ubala. Ngaboshwa ngibe ngibhalisi­le kwaPsira manje senginerek­hodi lobugebeng­u futhi angisebenz­i ngenxa kaPsira osixhaphaz­ayo.

Ngabe umsebenzi wabo wukuhlukum­eza thina esibhalisi­le, esihola kancane esingenama­li yokugwaza? Okhathazek­ile ENEWLANDS

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa