Bathembisa u-90% ku-matric nonyaka
ABAFUNDI abaningi uma sebezoya esikoleni samabanga aphakeme basuke bejahe inkululeko yokukhulisa izinwele nokwenza izitayela ezehlukile ekhanda kodwa kwehlukile eMqhawe High eNanda njengoba wonke umfundi egunda. Kusukela sakhiwa ngo-1955 lesi sikole abafundi besifazane bazishaya phansi izinwele, namacici awagqokwa.
Uthishanhloko uMnuz Sipho Mthembu oneminyaka engu-26 ekulesi sikole, uthe lo mkhuba uyingxenye yokutshala ukuziphatha kahle nenhlonipho kubafundi.
Ngaphandle kokwaziwa ngenhlonipho, kuningi esivelele ngakho lesi sikole esesikhiqize osaziwayo emikhakheni ehlukene. Lesi sikole sakhiwae endaweni yamakhosi iQadi Tribal Authority, kungesinye sezizathu ezenza sidume ngenhlonipho.
UMthembu uthe basebenzisana kahle nenkosi uMqoqi Ngcobo, nayo enengane efunda uGrade 9. Ngisho umphakathi usebenzisa ihholo lesikole ukwenza imihlangano neminye imicimbi. Ezinye izikole zihlangana khona eMqhawe uma kunemidlalo.
UMthembu oneminyaka eyisishiyagalolunye enguthishanhloko eMqhawe, uthe basaziphindisa emuva ezinye izingane sekugcwele. Kumanje zonke izikhala zabafuna ukuzofunda ngonyaka ozayo sezigcwele.
“Minyaka yonke siphindisa emuva abazali abafuna izingane zizobhalisa, sekugcwele. Abazali basakholelwa kulesi sikole ngenxa yomlando nemiphumela yaso. Yize sesishilo ukuthi sekugcwele, nangoJanuwawi bazobe besazoncenga,” echaza.
Okunye okwenza abazali basithande, wukuthi sinezifundo ezibeka emathubeni amahle izingane eziya emanyuvesi. Isikole sikhuthaza ukufundwa kweSayensi, i-Accounting neMaths. Sekuneminyaka emithathu kufundwa neMaritime Economics. Ngonyaka odlule sithole u-72% kubafundi baka-matric, uMthembu athi lokhu akumgculisanga.
“Kulo nyaka sifuna ukuthola ngaphezu kuka-90%. Ngo-2012 sathola indondo yeMost Consistent School ekuphaseni kahle u-matric, sifuna ukubuyela kulelo zinga. Bonke abafundi bangena ngo-6.30 kusukela kuGrade 8, baphume ngo-4 ntambama. Kufundwa nangezimpelasonto, abanye bafunda nakwezinye izikhungo,” kuchaza uMthembu.
Ngonyaka odlule umfundi obenza uGrade 12 uVuyani Ncube wathola o-A abayisikhombisa, okumanje wenza i-Actuarial Science e-University of Cape Town. Abafundi abane abebengenele umncintiswano weMaths Olympiad, sebesesigabeni sesibili somncintiswano.
UMthembu uthe balinde imiphumela ukuthola ukuthi bayadlulela yini phambili. Omunye umfundi owaqeda u-matric ngo2013 uLungelo Mdunge owathola o-A abayisikhombisa, naye wenza i-Actuarial Science, useyasebenza.
UNqobile Hlongwane owathola o-A abayisikhombisa ngo-2011 useyiChartered Accountant. Bonke laba bafundi basabuya bazokhuthaza abanye esikoleni. Kukhona nasebengosomabhizinisi abaxhasa abafundi abaphase kahle emanyuvesi. Kubona kubalwa uMnuz Makhosonke Phungula, onenkampani yabameli futhi ongumnikazi wendawo yobumnandi i-Under The Moon, eNanda.
Kukhona noSolwazi Thokozani Majozi onesikhundla eWits University naye onikeza imifundaze kubafundi. UMnuz Mtholephi Mthimkhulu owayeyilungu leSishayamthetho KwaZulu-Natal noMnuz Stu Ndlovu obeyintatheli kwaSABC bobabili abangasekho, babengothisha eMqhawe.
Akubona abafundi kuphela abavelele kodwa nothisha okubalwa uMnuz Sfiso Thwala osanda kuqeqeshwa eHilton College ukufundisa iMaths ngobuchwepheshe obusha. Uthisha we-English, uMnuz Sbonelo Zondi usiza ezinhlelweni zezemfundo kuKhozi FM.
Ngenxa yezinselelo zobugebengu emphakathini, isikole siyaqinisa nakwiLife Orientation, esisebenzisana neYouth For Christ okuyinhlangano ezimele yaphesheya kwezilwandle. Ngonyaka odlule uVuyiswa Mngoma (16) owenza uGrade 11 umele isikole eGermany ukuyocobelela ulwazi ngePeer Education.
“Ngibuye nokuningi eGermany ngoba bekunezithangami zokufundisa ukuthi singabasiza kanjani abanye abafundi. Siqeqeshwe ngokweluleka, manje sengifana nosonhlalakahle ngoba ngisiza abanye abafundi abanezinkinga,” kusho uVuyiswa.
Bangu-52 othisha baseMqhawe kanti isikole sikuQuintal 3, kuyadliwa kodwa abafundi abakhokhi. Isifiso sikathishanhloko ukuxhaswa ukuze kulungiswe isikole ngoba sesisidala. Ufisa nokuthi kube nomtapo wolwazi neLaboratory yeSayensi. Kudingeke bashintshe ikilasi libe yikhishi ukuze kuphekelwe abafundi. Ngaphandle kokufunda, isikole senza kahle emculweni wamakhwaya, ngonyaka odlule siphume isibili esifundazweni. Kudlalwa i-netball, unobhutshuzwayo, ne-volley ball, kuncintiswane nangenkulumompikiswano.