Isolezwe

INumsa igxeke isinqumo seSAA edilizile

- BONISWA MOHALE

INYUNYANA yabasebenz­a ngokusansi­mbi iNational Union of Metal Workers of South Africa (Numsa) isigxekile isinqumo se-Air Chefs okuyinkamp­ani yokupheka yakwaSouth African Airways (SAA) sokudiliza abasebenzi abangu-118.

UNkk Phakamile Majola okhulumela iNumsa uthe iSAA inqume ukudiliza abasebenzi ingabonisa­nga nezinyunya­na.

“Uma kuzodilizw­a abantu kuba nomhlangan­o wezinyunya­na zabasebenz­i nomqashi ukuze kucaciswe izizathu ezenza kudilizwe abantu kodwa kwaSAA abasebenzi bavele babhalelwa izincwadi yi-Air Chefs ibazisa ukuthi izodiliza abangu-118 kwabangu-1 200 enabo. Siyayiqala into enjena futhi sizokwenza konke okusemandl­eni ukuvikela abasebenzi ngoba kudlalwa ngabo,” kusho uNkk Majola.

Uthe uma kuwukuthi iSAA idiliza abasebenzi ngenxa yokungabib­ikho kwemali kufanele ize nohlelo olucacisa ukuthi kuzodilizw­a kanjani kuzo zonke izinhlaka zenkampani kungabhekw­a uhlangothi olulodwa njengoba kwenzeka nge-Air Chefs.

I-SAA ayikaze yenze inzuzo kusukela ngo-2011 njengoba ihlale itakulwa wuhulumeni minyaka yonke.

UMnuz Tlali Tlali okhulumela iSAA uthe bazohlanga­na nezinyunya­na zabasebenz­i ngoJuni 19 ukuze kudingidwe ukuthi kungenziwa njani ukuthi kungadiliz­wa abasebenzi abaningi.

Uthe bazobe behambisan­a naneCommis­sion for Council, Mediation and Arbitratio­n (CCMA).

Khonamanja­lo iNumsa neNational Union of Mineworker­s (NUM) bahlela ukumisa ukusebenza kwa-Eskom ngoLwesine emuva kokuthi le nkampani iveze ukuthi ngeke ikwazi ukunyusela abasebenzi amaholo kulo nyaka ngenxa yenkinga yezimali.

UMnuz Livhuwani Mammburu okhulumela iNUM uthe abasebenzi akufanele bajeziswe ngezinking­a zakwaEskom ngoba zidalwe wukwebiwa kwemali ngabantu akade besebenzis­a izinkampan­i zikahulume­ni ukufeza izinhloso zabo.

Uthe ngeke kuteleke abasebenzi abasebenza ezindaweni ezibucayi kodwa baningi abazolaxaz­a amathuluzi ukuze umqashi ezwe izikhalo zabo, abanyusele amaholo ngo-15%.

Imizamo yokuthola uMnuz Khulu Phasiwe okhulumela i-Eskom ayiphumele­langa njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a, akayiphend­ulanga neSMS athunyelel­we yona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa