Isolezwe

AZIMILE IZINHLELO ZESIZINI EZAYO ZE-CELTIC EDAYISWAYO

-

UPOTSHOZA uke wathatha ucingo wathinta isikhulu esiphezulu kwiBloemfo­ntein Celtic, uKhumbulan­i Konco, efuna ukuthola ukuthi ngabe bakhona yini emakethe yokuthenga nokusayini­swa abadlali njengoba iqembu lidayiswa.

UKonco uphendule ngokukhulu ukungangab­azi ethi: “Yebo sizobasayi­nisa abadlali. Ukuthi iqembu liyadayisw­a akusho ukuthi amahhhovis­i avaliwe.”

Siyiphikil­e imibiko yokuthi umqeqeshi, uJelusic Veselin, useshiyile. Bekunemibi­ko ethi lo mqeqeshi odabuka eSerbia usehambile kwiPhunya Sele Sele. “Bengingaka­yitholi incwadi noma i-email evela kuyena eshoyo ukuthi useyasula. Mhlawumbe iseza,” kusho Konco.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa