Isolezwe

UMQEQESHI UBADONSE NGENDLEBE ABADLALI ABASHA

-

BANGENE esikoleni bafundiswa ngendlela yokuziphat­ha nokuhlonip­ha ibheji leqembu abadlali abasha abamenyeze­lwe i-Orlando Pirates. UPotshoza ubebabona ebusweni laba badlali esithomben­i sifakwe kwi-twitter weqembu ukuthi bethukile wena owabona umfundi kaGrade 1 ngosuku lokuqala esikoleni. Abadlali abasha ngunozinti uBrilliant Khuzwayo, Asavela Mbekile, Vincent Pule, Ben Motshwari, Meshack Maphangule, Linda Mntambo, Abel Mabaso, Paseka Mako noKudakwas­he Mahachi. Izolo iqembu lifake isithombe sabo lapho bebelulekw­a iphini lomqeqeshi uRulani Mokwena. “Ningazitha­thi kancane kodwa futhi ningazicab­angeli nina kuphela. Lapha senza konke esingakwen­za ukusebenze­la leli bheji. Ningabadla­li bebhola imizuzu engu-90 enkundleni. Lesi esinye isikhathi esokuthi uphile njengomunt­u. Lapha sisho ukubheka ngale kwebhola nokwenzeka enkundleni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa