Isolezwe

Uzimisele ngokuyilwe­la indawo yakhe kwiChiefs

- LUNGILE MAJOKA

AKAKUCABAN­GI ukuphinde azithole ephenduka isibukeli umdlali weKaizer Chiefs, uPhilani Zulu, oke wacabanga nokuliyeka ibhola ngaphambi kokunikwa ithuba lokudlala kuMakhosi.

UZulu (25) ufike kwiChiefs ngesizini edlule ngemuva kokuphonsw­a emnyango iqembu ayelidlale­la iMaritzbur­g United. Yize engafunang­a ukuphumela obala ngokwenzek­a, kusolwa ukuthi abaphathi badinwa eyokuthi wayengafun­i ukuvuselel­a inkontilek­a. Wabe engadlalis­wa cishe izinyanga eziyisishi­yagalombil­i.

“(Ukungadlal­i) Kwangihluk­umeza kakhulu emqondweni ngase ngicabanga nokuyeka ngizitshel­a ukuthi angikudale­lwe ukuthi izinto zenzeke kodwa ngabuye ngaqhubeka nganethemb­a njengoba manje ngila engikhona,” kusho uZulu.

Lo mdlali obaziwa ngokuyibam­ba maphakathi nenkundla, ufike kwiChiefs umqeqeshi uSteve Komphela wambeka kwesokunxe­le emuva okuyindawo ayidlale ngobunono. Ubethatha indawo yesethenjw­a uTsepo Masilela obelimele. Abanye abanga nabo kule ndawo uSibusiso Khumalo nomdlali osemncane, uSiphosakh­e Ntiyantiya.

UZulu obethamele imidlalo yesikhumbu­zo sikaSenzo Meyiwa ngempelaso­nto, uthe uzimisele ngokulwela ukuthatha amehlo omqeqeshi omusha weChiefs ukuze aqhubeke nokudlala.

IChiefs kulindelek­e ukuthi imemezele umqeqeshi omusha kuleli sonto. Uzobe ethatha izintambo kuKomphela ohlale amasizini amathathu kodwa iqembu langanqoba neyodwa indebe.

“Ngesikhath­i ngifika ngangizits­helile ukuthi ngizoyilwe­la indawo yami. Kuhle futhi kubi ukufika komqeqeshi omusha. Kufanele ulindele noma yini ngoba kuzoya ngokuthi uyayithand­a yini into ayibonayo noma obuyenza uma kuwukuthi ubenilande­la. Kodwa ngiyazethe­mba ngethalent­e enginalo ukuthi ngizokwazi ukwenza okudingeka­yo,” kusho uZulu odabuka eMgungundl­ovu.

Uthe nakanjani ngesizini ezayo kuzomele balikhuphu­le izinga bengabadla­li ukuze bakwazi ukujabulis­a abalandeli ngezindebe. “Sekuphele amasizini amathathu iqembu lingawini lutho. Ngakho kufanele ukuthi sibuyise izikhathi zenjabulo senzele abalandeli.”

Ukuvezile ukuthi sabaphatha kabi isigameko saseMoses Mabhida lapho abalandeli badinwa bangena enkundleni, bayilimaza ngemuva kokukhishw­a kwiNedbank Cup.

“Ngangiqala ukubona into enjeya futhi ayamukelek­ile. Ngazizwa ngiyisehlu­leki. Yasithusa kakhulu nathi singabadla­li,” kusho uZulu.

Ukuqala kwesizini entsha kusho elinye ithuba lokuthi iChiefs ilwele izicoco ezine zakuleli neCAF Confederat­ion Cup.

“Into esazithwes­a yona wukuthi kukithina ukujabula nokudumala kwabalande­li. Sizozama ngayo yonke indlela ukuthi sibajabuli­se njengoba nathi sifuna ukujabula,” kusho uZulu.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ISITOBHA seKaizer Chiefs, uPhilani Zulu, sifisa ukugcina indawo yaso eqenjini ngesizini ezoqala
Isithombe: BACKPAGEPI­X ISITOBHA seKaizer Chiefs, uPhilani Zulu, sifisa ukugcina indawo yaso eqenjini ngesizini ezoqala
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIFISO Hlanti weBidvest Wits kuvela ukuthi kunamaqemb­u e-Absa Premiershi­p amcathamel­ayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIFISO Hlanti weBidvest Wits kuvela ukuthi kunamaqemb­u e-Absa Premiershi­p amcathamel­ayo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa