Isolezwe

OweWits ucathanyel­wa ngamaqembu amakhulu

- NDUDUZO DLADLA

KULINDWE iBidvest Wits ithathe isinqumo ngesitobha seqembu neBafana Bafana, uSifiso Hlanti, okuvela ukuthi ugaqelwe ngamanye amaqembu amakhulu aseGauteng.

Ngokuthola kweSolezwe ngomthombo osondelene kakhulu neWits, imenenja kaHlanti isizihambi­se zonke izimfuno zayo kuJose Ferreira, oyisikhulu esiphezulu kwiWits. Empeleni kuthiwa konke okufunwa yilo mdlali kwahlala etafuleni likaFerrei­ra ezinyangen­i ezimbili ezedlule ngesikhath­i uFerreira esaye phesheya kwezilwand­le.

Nakuba esebuyile kulolu hambo, akukho okusakhulu­nywe iWits ngekusasa lalo mdlali ononyawo oluhle lwesokunxe­le. Isolezwe liphinde lathola ukuthi empeleni uHlanti usalelwe unyaka owodwa naleli qembu elicijwa uGavin Hunt, okusho ukuthi izophela ngo-2019.

“Inkontilek­a yakhe isalelwe unyaka owodwa neWits. Lokhu kusho ukuthi izingxoxo sezingaqal­a neqembu ukuba ngabe lizimisele yini ukwelula inkontilek­a yakhe.

“Imenenja yakhe yakuthumel­a konke kwiWits kodwa kusalindwe isikhulu uFerreira ukuba aqalise izingxoxo. Ngiyacaban­ga ukuthi iWits kukhona esikutholi­le ngokuthi lo mdlali ufunwa amaqembu athile lapha eGauteng, nokwenza ukuthi uFerreira abukisise kahle isimo ngoba uyazi ukuthi usethubeni lokwenza itshe lemali ngoHlanti,” kusho lo mthombo.

UHlanti ufike kwiZitshud­eni ngo-2016 ephuma kuMaZulu FC. Ufike washaya into ecokeme njengoba egcine ngokubizwa eqenjini lesizwe iBafana Bafana elidlale imidlalo yokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba ne-Africa Cup Of Nations.

Imenenja kaHlanti, uSizwe Ntshangase, ayifunanga ukwanda ngomlomo ngesikhath­i ibuzwa ngodaba lwalo mdlali.

“Akukho engingakus­ho ngaye ngaphandle kokuthi usengumdla­li weWits, futhi konke kuncike kuyona ngekusasa lakhe,” kusho uNtshangas­e kafushane.

IWits isanda kulahlekel­wa uBen Motshwari noVincent Pule abajayine i-Orlando Pirates.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa