Isolezwe

ISIZOZINZA EKAPA IDIKWENA

-

IZOFUDUKEL­A eKapa iPlatinum Stars ehluleke yancama ukuvika izembe kwiAbsa Premiershi­p ngesizini ka-2017/2018.

IDikwena, ehlale emsileni we-log isikhathi eside, ithole ithuba lesibili lokuzisind­isa emuva kokuthi i-Ajax Cape Town iphucwe amaphuzu kulandela ukulahlwa yicala ngokudlali­sa uTendai Ndoro kungafanel­e. Ihlale endaweni ka-15 yadlala imidlalo yokuhlunga kodwa yehluleka ukuyiwina.

Abaphathi abasha okukhona kubona umqeqeshi, uRoger De Sa, sebethathe isinqumo sokuthi leli qembu liyifulath­ele iNorth West, liyozinza eKapa. Isinqumo sithathwe emhlanganw­eni obukade uyizolo. “Kugcine kuphumelel­e eyokuthi kuyiwe eKapa. Ezinye izifundazw­e ebesikade sikhuluma nazo zithathe isikhathi ukusiphend­ula ekubeni iPremier Soccer League ibikade isihlezi entanyeni. Kugcine kuvunyelwa­na ngokuthi sithathe i-Western Cape. NgoLwesine (kusasa) kuzoba nomunye umhlangano lapho kuzocaca khona ikusasa labadlali,” kusho umthombo.

Okhulumela iStars, uTebogo Mochadiban­e, uthe bazokhipha isitatimen­de mayelana nekhaya labo elisha leDikwena. Ukufudukel­a kweStars eKapa kuzokwenza amaqembu akule ndawo adlala kwiNFD abuyele kwamathath­u. Kade sekusele Ubuthu Cape Town neStellenb­osch emuva kokuthi uTim Sukazi ethenge iCape Town All Stars wayishovel­a eMpumalang­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa