Isolezwe

AMAZULU AWALILAHLI­LE ITHEMBA NGE-TOP 8

-

AMAZULU asayilwa impi yokubuyela kwiTop 8 ye-Absa Premiershi­p njengoba ngoLwesihl­anu kulindelek­e ukuthi eSouth Gauteng High Court kulalelwe isikhalo sawo.

Ngokuthola kukaPotsho­za, AmaZulu awahambisa­ni nesinqumo sikamehlul­eli weSafa, uWilliam Mokhari, sokuthi anikwe izimbangi amaphuzu aphucwa i-Ajax Cape Town ngokudlali­sa uTendai Ndoro.

I-Ajax yalahlwa icala lokubophel­a lo mgadli kungafanel­e ngenxa yokusayina izinkontil­eka namaqembu amathathu ahlukene aphinde awadlalele wonke ngesizini eyodwa okuyinto engavunyiw­e yiFifa okuyiyona elawula ibhola emhlabeni.

Ukuhlomula kwezimbang­i amaphuzu athathwa kwi-Ajax, kwakhuphul­a iSuperSpor­t United yahlala endaweni yesishiyag­alombili kwathi Usuthu lwehlela kweyesishi­yagaloluny­e.

Ngaphambi kokuthi kungene icala loSuthu, kusasa kulindelek­e ukuthi kuhlale ele-Urban Warriors nayo elwa nesinqumo sikaMokhar­i

Okhulumela AmaZulu, uBrilliant Mkhathini, ukuqinisek­isile ukuthi basayilwa impi.

“Sizolalela ukuthi liqhubeka kanjani icala le-Ajax kodwa elethu alincikile kakhulu kokuzokwen­zeka kwelabo. Aseneme ngokuthi amanye amaqembu ahlonyulis­wa ngamaphuzu,” kusho uMkhathini kafushane.

I-Ajax ifuna kushintshw­e isinqumo sikaMokhar­i sokuyiphuc­a amaphuzu bese ibuyela endaweni ka-15 kwi-log ye-Absa Premiershi­p lapho iqede khona.

Uma ingaliwina icala kungenzeka kuphazamis­eke imiphumela yemidlalo yokuhlunga enqotshwe iBlack Leoaprds, ihlula iJomo Cosmos nePlatinum Stars okuyiyona egcine ithathe indawo ye-Ajax kule midlalo.

Leli qembu laseKapa

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa