Isolezwe

Bashaqiswe ukushona kwesilomo somsakazi

- FANELESIBO­NGE BENGU

AZIVUMI IZIBALO NGOMDLALO IMBEWU

Zama Zpee Mthethwa: Ingena sesihambil­e isikhathi Imbewu ngeshwa. Ayizame ukungena ngo-8.30 ebusuku lizonyuka izinga ngoba iqiniso ukuthi Uzalo luyabhora uma uqhathanis­e neMbewu kodwa lungena sisahleli.

Msizi Elvis Muthwa: Inkinga yayo isikhathi nohlobo-ke lwesiteshi edlala kuso. Mina nje iu-e.tv isiteshi engidideke­la kuso uma kungekho uhlelo olumnandi oludlala kulezi ezinye.

Syanda Nondaba: Kodwa bakithi ukukhuluma iqiniso nje luwumsanga­no Uzalo. Ngathi isikeshi phela leya nto, nabalingis­wa abazisanga­nele nje. UZOQOSHWA KABUSHA UMDLALO NGE-LEMBE

Phili KamaShabal­ala Mtshali: Basisiza-ke bakhombise konke nalezi ziqephu ezakhishwa kulo mdala ezazikhomb­isa indlela abelungu abathatha ngayo umhlaba wethu nemfuyo okungenye asimdingi uShaka okhuluma isiNgisi nonsundu ngoba uShaka wayekhanya basisize

Phumlanie Three-Seconds Mtwane: Uzobona-ke la mathuba nizowanika abantu abanezimal­i zabo engabe ninika thina esingasebe­nzi. UZIMISELE NGOKUYILWE­LA INDAWO YAKHE KWI-CHIEFS

Robs Mfokazinja Ziyamkhonk­otha Mthembu: Uyazimisel­a bo nakanjani uzoyithola kodwa le ndaba yokudlala njengomdla­li ohlaselayo kwesonkunx­ele izophela ngoba kuzobakhon­a abangaphez­u kwakho manje. Bongani Mageba: kunzima. Yilwa Mageba noma

USHAQEKILE umndeni nozakwabo bomsakazi weMbokodo FM, uMfundisi Simphiwe Mbeje, oshone ngoLwesibi­li ezintatha ekubeni bese bezitshela ukuthi uyalulama.

UMbeje (36), obengumfun­disi eLife Renewal Family Church eMerebank, ushonele esibhedlel­a iKing Dinuzulu ngemuva kokungenis­wa khona ephethwe yi-meningitis.

KwiMbokodo FM ubesakaza uhlelo Umkhumbi Wokuphila ngo-12 kuya ku-3 entathakus­a phakathi nesonto.

Udadewabo kamufi, uNtando Mbeje, uthe ubephathwa yikhanda ngaphambi kokutholak­ala ukuthi une-meningitis.

“Besingalin­dele ukuthi uzoshona ngoba ubethi akubuhlung­u ndawo. Ngesonto eledlule ubumbona ukuthi uyagula kodwa walulama futhi esedla. NgeSonto ukhale ngobunzima bokuphefum­ula, kwathi ngoMsombul­uko, ngiyombhek­a, wakhala ngakho ubunzima bokuphefum­ula baze bamfaka umshini.

“Besithi uma enezinhlun­gu uzoya egunjini labagula kakhulu. Kusishaqis­ile ukudlula kwakhe,” kusho uNtando othe sikhulu isililo ngokudlula kwakhe emhlabeni.

Umphathi weMbokodo FM, uSandile Ngema, naye uhambe emazwini kaNtando wathi bathukile ngokushona kukaMbeje.

“Ubengaphat­hekile kahle, hhayi kodwa lokhu okubucayi. Sithuke sonke ngalokhu,” kusho uNgema.

Uthe isiteshi sabo ngeke siphinde sifane ngoba likhulu iqhaza abenalo.

“Ubethandaz­a, eshumayeza abantu futhi ebuyisa nethemba. Nasezinkon­zweni zesiteshi uye obeshumaye­la. Ubewuthand­a umsebenzi kaNkulunku­lu ngoba ubehambela ngisho nasezikole­ni. Ubekwenza lokhu ngokukhulu ukuzinikel­a,” kuqhuba uNgema.

UNtando uthe uMbeje ushiye emhlabeni unkosikazi wakhe uNokuthula, izingane ezimbili, abazali nodadewabo abathathu.

“Ubewumuntu onenkani ngokukholw­a. Ubeshiya yonke into emphazamis­a ekutheni ayoshumaye­la. Wakuqala eneminyaka eyisishiya­galolunye. Ubephiwe impela.”

UMbeje uzofihlwa ngoMgqibel­o emathuneni aseClairwo­od ngemuva kwenkonzo ezoba seMgodini eLamontvil­le ngo-9 ekuseni.

Inkonzo yesikhumbu­zo izoba seCity Hall, eThekwini ngo-2 ntambama namhlanje.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? SIKHULU isililo ngokudlula emhlabeni komsakazi weMbokodo FM, uMfundisi Simphiwe Mbeje, oshone entathakus­a ngoLwesibi­li ngemuva kokugula THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza...
Isithombe: FACEBOOK SIKHULU isililo ngokudlula emhlabeni komsakazi weMbokodo FM, uMfundisi Simphiwe Mbeje, oshone entathakus­a ngoLwesibi­li ngemuva kokugula THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza...
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa