Isolezwe

Wesekwa yizifunda esikhundle­ni asigaqele

- MLUNGISI GUMEDE

UYAQINA umkhankaso kaNobhala we-ANCYL KwaZulu-Natal, uMnuz Thanduxolo Sabelo ogaqele isikhundla sokuba ngumengema­li walolu phiko, ngemuva kokuthi izifunda zesifundaz­we seziphumel­e obala zathi ziyameseka.

I-KZN iyisifunda­zwe esikhulu kunazo zonke ze-ANC ilandelwe yiMpumalan­ga.

Uma wesekwa yiKZN yonke engqungqut­heleni kazwelonke usuke usudinga amavoti angemaning­i kwezinye izifundazw­e ukuze udle umhlangani­so.

Izifunda zaseKZN eziholwa uSihlalo we-ANCYL esifundazw­eni, uMnuz Kwazi Mshengu, ziveze ukuthi zizophuma ziyokhanka­sela uSabelo nakwezinye izifundazw­e.

Ingqungqut­hela ye-ANCYL kuzwelonke izoqala ngoSepthem­ba 6 iphele ngomhla ka-11.

Izoba seNasrec eGoli lapho kwakunengq­ungquthela ye-ANC kazwelonke.

Ethintwa izolo uSabelo uvumile ukuthi izifunda zesifundaz­we zifikile kuyena zizomtshel­a ukuthi zihlela ukuphakami­sa yena kwesikamen­gameli engqungqut­heleni kazwelonke.

“Ngithe uma kuyibona abathi sebefuna ukungithum­a komunye umsebenzi ngeke ngize nginqabe ngizokwenz­a njengoba besho,” kusho uSabelo.

Uthe izifunda zesifundaz­we zimtshele ukuthi zizophuma ziyomkhank­asela nakwezinye izifundazw­e.

USabelo ubanga isikhundla sokuhola i-ANCYL noMgcinima­fa we-ANCYL uMnuz Reggie Nkabinde noMnuz Ndumiso Mokako waseMpumal­anga.

USabelo wagcotshwa ngisho nawuMengam­eli we-ANCYL uMnuz Collen Maine wathi ubona kunguyena umuntu ongayisa phambili abantu abasha njengoba yena eseshenxa.

Isifunda esikhulu kunazo zonke eKZN, iTheku, kade saphumela obala sathi seseka uSabelo kwesikamen­gameli.

Okhulumela i-ANCYL eThekwini, uMnuz Thulisa Ndlela, uthe baphakamis­a uSabelo kwesikamen­gameli ngoba bakholwa wukuthi nguyena ongakwazi ukuxazulul­a izinkinga ezibhekene nentsha.

Uthe sebefisa ukuthi manje imisebenzi kaSabelo isabalale ezweni lonke.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa